Izindaba  | 05

Friday, 30  May 2025

Udilikajele neminyaka ewu-10 kowadayisa ingane yakhe ngo-R20 000

Lusaqhubeka uphenyo njengoba ingane ingakatholakali

  Ijaji libalule ukuthi unina kaJoshlin selokhu kwaqala icala akakaze atshengise ukuzisola.

Image

NguKelly Smith, ogwetshelwe icala lokuthengisa ngendodakazi yakhe uJoshlin Smith.

Thandoluhle Ngubo

UWUHLABE inhlali waze wagwetshwa unina wentombazanyana eyanyamalala ngonyaka owedlule, ogwetshwe izolo ngoLwesine ukudilikelwa yijele.

UKelly Smith nesoka lakhe uJacquen Appollis basengabasolwa bokuqala njengoba uphenyo lusaqhubeka. 

Bathathu abamangalelwa abagwetshelwe ukunyamalala kwentombazane eyayineminyaka ewu-6 ubudala uJoshlin Smith, owanyamalala ngoFebhruari wonyaka ophelile.

Image

NguJoshlin Smith owanyamalala, okuvela ukuthi wadayiswa ngunina nesoka lakhe.

Laba basolwa okungunina kaJoshlin, uKelly, yisoka lakhe u-Appollis nomngani wabo uSteveno Van Rhyn, bagwetshwe udilikajele neminyaka ewu-10 ngaphezulu umuntu emunye.

Ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala, umbuso uveze ukuthi ubufakazi onabo bukhomba ukuthi uJoshlin wadayiswa kwelinye lamazwe angaphandle ngo-R20 000.

Image

NguJacquen Apollis noSteveno Van Rhyn abagwetshiwe njengoba bekhonjwa njengabahlangenyela noKelly Smith,  ekudayisweni kwengane yakhe uJoshlin Smith. 

Ngesikhathi iJaji uNathan Erasmus likhipha isigwebo, liveze ukuthi abamangalelwa baze bagwetshwa bengakaze bakhombise ukuzisola.

Linqume ukuthi amagama alaba afakwe ohlwini lwabantu abanomlando wokuhlukumeza izingane, iNational Child Protection Register. Libonge ukubambisana okuhle komphakathi okuyiwo osize amaphoyisa ukuze kuboshwe izigilamkhuba.

Ngemuva kokuphuma kwesigwebo, uMkhuzi wamaPhoyisa eWestern Cape uLt-Gen Thembisile Pathekile, uveze ukuthi uphenyo  ngokunyamalala kukaJoshlin lusaqhubeka njengoba engakatholakali.

Uthi basazoqhubeka nokupheka ngemibuzo laba abathathu noma sebegwetshiwe, kuze kube kuvela lapho uJoshlin ekhona.

Ugogo kaJoshlin uNkz Natasha Andrews, uthi ukungakhulumi kwabamangalelwa kubalimaze isibili.

"Banikiwe ithuba lokuba baphawule, basilekelele ngokuthi ukuphi (uJoshlin) enkantolo kodwa bakhetha ukuthula. Lokhu kusilimaze kakhulu ngoba kasazi ukuthi ingane bayishonisaphi...

Image

"UKelly nje akakaze akhombise ukuzisola kusuka kuqale ukuqulwa icala kwaze kwaba liyaphela.

"Ngemuva kokulahlwa kwabo yicala ngimvakashele ejele (uKelly), nalapho akanginikanga izimpendulo. Ngizoqhubeka nokumvakashela aze angitshele iqiniso," esho.

0