05 | Izindaba
Friday, 11 July 2025
NGUSFUNDO Bhengu noFreedom Jali abalahlwe ngamacala, bebezincengela ngesigwebo.
Skhosiphi Mthembu
UBhengu ucele ukuzwelwa yinkantolo, ethi unezingane eziwu-5 azondlayo, kanti uJali yena ucele uxolo kuyise kamufi, uMnu Mondli Ngcobo.
UBESEZINHLELWENI zokushadelwa kulo nyaka owesilisa olahlwe yicala lokubulala umfundi waseDurban Girls High School.
Lokhu kuvezwe nguSfundo Bhengu ngesikhathi ezincengela ukuba iNkantolo eNkulu yaseThekwini imzwele uma isimgweba.
UBhengu noFreedom Jali balahlwe ngamacala amabili, elokubamba inkunzi kusetshenziswa indluzula nelokubulala u-Aphiwe Ngcobo (17), waseMlazi ngoMay 2023 (osesithombeni esingezansi).
Umufi watholakala kubo eMlazi, isidumbu sakhe sinamanxeba okugwazwa. UBhengu ucele inkantolo ukuba imzwele ngoba unezingane eziwu-5 azondlayo. Uthe izingane zakhe ziyikho konke kuyena, akafuni zifane naye.
Uvezele inkantolo ukuthi ngo-August walo nyaka, ubehlele ukuba ziwushaye phakathi kwakhe nesinqandamathe sakhe angathandanga ukusidalula ngenxa yezizathu zokuphepha emphakathini.
Uthe kumanje unemali engango-R500 000 esebhange evalelekile njengoba egcinwe ejele. Uthi unezindlu zakhe eziqashisayo, umphakathi usuzikhiphile iziqashi, ngakho izingane zakhe kazisatholi lutho.
Uthe uma inkantolo imgweba udilikajele, yonke into ayisebenzele kanzima izoshabalala
Uxolisile kuyise kamufi uMnu Mondli Ngcobo, ngokufa kwendodakazi yakhe, kodwa wama ekutheni akazange ayibulale.
"Nami ngingumzali, kayikho into ebuhlungu njengokulahlekelwa yingane, kawekho amazwi engingawasho kuwena ngalesi simo. Uma kuwukuthi ngophuma ejele, angazi amazwi engingawasho kuwena uma sihlangana ngoba kanginawo," esho.
UJali naye ugibelile ebhokisni lofakazi, wacela ukuba inkantolo uma isimgweba icabengele umndeni wakhe, ikakhulukazi uyise njengoba enze konke okusemandleni ukuthi abe nekusasa elingcono.
Uthi ufundile waze wathola neziqu e-UKZN, lapho enze izifundo zeBachelor in Social Science, aziqede ngo-2019. Uthi ubeziphilisa ngokushayela i-Uber, aphinde athuthe nezingane zesikole. Naye uqhubekile nokuma kwelokuthi akazange ambulale u-Aphiwe.
"Bab uNgcobo, ngithanda wazi ukuthi angikaze ngiyibulale ingane yakho. Umuntu owayibulala uSfundo (uBhengu). Yebo ngangikhona ngosuku lwesigameko, kodwa angingenanga kwakho.
"Ngama, ngabuka ngewindi. Angiyena umbulali, akaze ngabulala futhi angisoze ngabulala," kusho yena.
Umshushisi uKrishan Shah ubuze uJali ukuthi uma umuntu engabulala ingane yakhe, engafisa athole siphi isigwebo. Uphendule ngokuthi akasoze afisele omunye umuntu into embi.