05  | Izindaba

Friday, 24 October  2025

Siyanda esabamosha impilo yabo ngokugembula

Kuthiwa izitshudeni zibheja ngemali yeNSFAS...

Omaka-Enzo basebenzisa eyeqolo...

Image

Mthokozisi Dlomo

UMNYANGO wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana usola ukungalawulwa ngendlela kwezikhangiso zezinkampani zokugembula ngokwanda ngesivinini 'kwamaphanta' eNingizimu Afrika, ikakhulukazi lawa agembula online.

Lokhu kuza ngemuva kokuba inhlangano elawula ezokugembula kuleli, iNational Gambling Board (NGB), iveze ukuthi abantu bakuleli bachithe imali elinganiselwa ku-R1.5 trillion ngokugembula kunyakamali ka-2024/25, okuyinani elenyuke ngo-R400 billion uma kuqhathaniswa nonyanga ongaphambili.

Le nhlangano iveze lokhu ngesikhathi yethula umbiko wayo ePhalamende. Ithi senyukile nesibalo sabantu abayithintayo, befuna usizo ngoba sebemoshe impilo yabo, ngenxa yokucwila ekugembuleni.

Image

Kuleli sonto kuvele ukuthi inkinga yokugembula ibhilite ngisho nakwizitshudeni, njengoba kuthiwa ezinye zisebenzisa nemali yoxhaso lweNSFAS, okuthi uma sezidliwe ziphathwe wukhwantalala. Kuthiwa abanye abantu basebenzisa ngisho imali yesibonelelo sakwaSassa ukuzama ngayo inhlanhla.

Umnyango uthi ukwentuleka kwemisebenzi nokusinda kwezindleko zokuphila, kanjalo nokukhangiswa ngokweqile kokugembula ngomakhalekhukhwini ngesinye sezizathu ezibhebhethekisa inkinga yokugembula ezweni.
Kule minyaka embalwa edlule, bezibonakala zanda izinkampani zokugembula online kuleli, ezinye zize zixhase ezemidlalo namakilabhu. Ngisho iligi enkulu kanobhutshuzwayo wakuleli ixhaswe ngenye yazo.

Image

UDkt Evelyn Masotja, oyiDeputy Director-General for Regulations emnyangweni, uthe kufanele kuqiniswe imigomo elawula ezokugembula, ikakhulu ezokukhangisa ngoba zifinyelela cishe kubona bonke abantu emiphakathini.

"Kumele sikugqamise ukuthi ukugembula yimboni esemthethweni futhi esebenza ngokulawulwa yimithetho. Yingakho kubalulekile ukuthi iqiniswe leyo mithetho," esho.

Nasembikweni wayo iNGB, kuvelile ukuthi ukukhangisa kunesandla kule nkinga yokugembula.

Ngokombiko wayo, ukugembula ngamaselula sekuyikhona okuhamba phambili eNingizimu Afrika, njengoba sinciphe kakhulu isibalo sabantu abahambela amaCasino.

NgoJulayi walo nyaka, uNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu Parks Tau, waveza ukuthi izinkampani eziwu-90 zokugembula online, zibhaliswe emazweni angaphandle, zisebenza kuleli ngokungemthetho.

0