05  | Izindaba

Friday, 25 July 2025

Akakhethwa umuntu ongaphansi kweminyaka ewu-18...

OwamaNazaretha ucacisa eyokukhethwa kwezintombi eBuhleni

Le ndaba ijwayele ukuba sematheni ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana... 

Image

Kugqama ubuhle uma sebefezekisa izifungo zokukhethana ebhentshini. 

 Thandoluhle Ngubo 

NJENGOBA kulindeleke ukuba uvalwe ngempelasonto esiya kuyo umhlangano wenyanga kaJulayi, wamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni aholwa yiNkosi uMduduzi "Nyazilwezulu" Shembe, kubhekwe ukuba izinsizwa zebandla zikhethe izintombi nto zakuleli bandla, ezizoba ngomakoti bazo.

Leli phephandaba labika ngokuqala kwalo mhlangano, oqala ngomhla ka 1 kuJulayi kuze kube yisonto lokugcina kuwo. Phakathi kwezinto ezavela kulolu shicilelo ngezinye zezinhlelo zebandla ezenziwa kulesi sikhathi somhlangano.

Isigaba sokugcina salo mhlangano kuba  ngesokukhetha, lapho izintombi zebandla, ezibizwa ngamakhosazane, ziya ebhentshini lapho zizokhethwa khona zibe ngomakoti.

Minyaka yonke ngalesi sikhathi sokuvalwa kwalo mhlangano, kusuka omkhulu umsindo ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana, njengoba izithombe zalabo abasuke bekhethene zisabalala khona.

Okujwayele ukuqubula izinkulumo wukubukeka kwabakhwenyana bebadala kunomakoti babo, kuze kuthiwe bangaphansi kweminyaka egunyaziwe ukuba babesebudlelwaneni bezothando, noma bagane.

Leli phephandaba likhulume nomkhulumeli wamaNazaretha aseBuhleni, uMnu Thokozani Mncwabe, ocacise kabanzi ngohambo lokuyokhetha. UMncwabe uveze ukuthi usuku lokuvalwa komhlangano kalukaziwa, kodwa luyomenyezelwa ngumholi wamaNazaretha aseBuhleni.

Image

Okhulumela abaseBuhleni uthi oseyikhombile inkosazane, kumele asheshe avele kubo.

"Kwenzeka eminyakeni eyedlule umhlangano wavalwa ngo-Agasti, ngakho ngeke ngisho ukuthi kuyavalwa umnikazi engakalikhiphi izwi.
Ukukhetha-ke kuyaye kwenzeke ngentambama yokuvalwa komhlangano.

"Ngifisa ukukucacisa ukuthi kulolu hambo lokukhetha kayikho inkosazane esuke iphoqiwe futhi akakhethwa umuntu oneminyaka engaphansi kuka-18. Insizwa ezokhetha iqale ikhulume nenkosazane, bavumelane ngaphambi kokuba bayokhethana ebhentshini.

Image

Yize abantu begqamisa ukugqagqana kweminyaka kwabaganana eBuhleni, bakhona abakhethana besebancane.

"Insizwa efuna ukukhetha kumele ibe yinsizwa ekholwayo, futhi lokho kubonakale ngeminyaka esiyiyihlalile enkonzweni ebhukwini layo lika-23, okubhalwa kulo nyangazonke uma kuwumhla ka-23. Esinye sezizathu zalokhu wukuvimba ukufika kwezinsizwa ezihlose ukuzokhetha esontweni, hhayi ngoba zikholwa," esho.

Eqhuba, uthi umthetho kawuqinile kakhulu emakhosazaneni njengoba kungelula ukuba aphume enkonzweni uma esekhethiwe. Uthi abanye (abakhethwa emihlanganweni eyedlule), bazobe begcagca esigcawini sebandla ngeSonto lokugcina emhlanganweni.

Uxwayise abafisa ukukhetha ngokuba bangabunaki ubukhazikhazi obuvela ezinkundleni zokuxhumana, kodwa benze okulingana nephakethe labo.


"Ukukhetha akukona ukucela noma ukulobola, kodwa kusuke kuwukuyovela phambi kwabazali benu basenkonzweni. Uma insizwa seyikhethile, kakumele kuphele isikhathi eside ingayanga ukuyocela isihlobo esihle ekhweni," kuphetha uMncwabe.

0