05 | Izindaba

Friday, 18 July  2025

Kuzoshikisha ufudu amabhinca eqhudelana ngengezo kwiDundee July

Umkhakha ngamunye ubekelwe u-R20 000

Kuzodlisa ugodo kunuke iqabunga...

Image

USamkeliswa Mtira Sibiya, uNjabulo Langa noGodide Ntuli.


Mthobisi  Sithole

KUZOKHETH' ukhethi amabhinca edlisela, eqhudelana ngengezo ngeSonto eBattlefield Sport Resorts, eDundee, kwiDundee July.

Kulindeleke ukuba ukuncintisana kwamabhinca kube sezingeni eliphezulu njengoba ebekelwe isiteki, esizotholwa ngabazonqoba.


Ukuvuleka kwaleli thuba lokuncintisana ngengezo akubona kuwukuvuleka kwekhasi elisha lokuthuthuka kwempilo yawo amabhinca.

Image

UQUALITY Biyela, umculi kamaskandi u-Ali Mgube, uNjabulo Langa noKhuthuza.


Njengoba umcimbi wombukiso wengqephu namahhashi uzoba ngoLwesihlanu nangoMgqibelo, owamabhinca obizwa ngokuthi Amabhinca Experience, uzokuba ngeSonto.

Image

IZINSIZWA zengezo uGodide Ntuli, uNjabulo Langa noQuality Biyela zifungelene  ngempelasonto kwiDundee July Amabhinca Experience.

UQuality Biyela wasoNdini owaziwa kakhulu ngokuqondaniswa kwezengezo ezinsizweni, uthi bazimisele kakhulu ngalo mcimbi ngoba inhloso yawo wukuqhakambisa ubuhle bokuzithanda nokuhleleka emabhinceni.

Uthi ukuhlanzeka yiyona into abakwazi ukuyenza kangcono.

Image

Ngakolunye uhlangothi, uNjabulo Langa wodumo lwamatemu athandwayo emabhinceni okubalwa kuwona athi, "Asazi owadl'imali, Ngiyabheja Ngami, Uyishonisephi Imali, Ngishilo Nje namanye, uthi uzobe ebophele izinsizwa eziwu-9 abazodlisela nazo ngengqephu esezingeni eliphezulu.

Uveze ukuthi ngenxa yokubaluleka kwalo mdlalo wamabhinca, bazoshintsha kathathu ingqephu yabo yengezo.


"Zonke izinsizwa zizobe zidle ugodo, bese phansi kube yi-Arbiter. Abantu bazobona into yamehlo - kuyobe kunuka iqabunga (isiqholo) kuphela. Sesiqalile ukwenza uhlelo lokuzilungiselela ngoba kumele senze into yamehlo ngempelasonto.

"Kusijabulisile kakhulu ukubekwa phambili kwengezo yamabhinca ngoba sekubonakele ukuthi nasezikoleni idla lubi ingezo kubafundi," kusho uNjabulo.

Image

UNjabulo Langa ozodlisa ngoshuni wamatemu ngempelasonto kwiDundee July Amabhinca Experience.

Uveze ukuthi uzobe edlisela ngoshuni wakhe wamatemu, ehamba noGodide (okuyinsizwa adume ezinkundleni zokuxhumana ngokusebenzisana nayo).

Image

UNjabulo Langa noGodide Ntuli abazobonakala ngempelasonto kwiDundee July Amabhinca Experience.

Uveze ukuthi uzobe edlisela ngoshuni wakhe wamatemu, ehamba noGodide (okuyinsizwa adume ezinkundleni zokuxhumana ngokusebenzisana nayo).

Kulo mdlalo wamabhinca, isiteki sihlukaniswe izigaba ezine. Kukhona ingezo yomama, eyezintombi, amajongo nabesifazane (okazi).


UGeza Sebegezile Mbhele naye ogqame kakhulu embhinceni ngokuhlanzeka, uhambe amazwini ozakwabo. Umkhakha ngamunye ubekelwe u-R20 000.

Kulo mcimbi kuzonandisa omasikandi okubalwa kubona uNtencane, uKhuzani, iGcokama Elisha, uLimit, uMenzi, uMdumazi, uNavigator, uMjolisi, uGatsheni, uBahubhe, uJaivazimnike, uMntuyenziwe, uSminofu, uPotso waMavikela Mbuso, iBhova Elincane, iThole LeNdidane noLwah Ndlunkulu. Kungenwa mahhala uma ugqoke izimpahla zamabhinca, kodwa uma uswenke ngengqephu okungesiyona eyamabhinca,
u-R200 ukungena.

mthobisis@ilanganews.co.za

0