05 | Izindaba
Friday, 11 September 2026
UGodongwana uthi lokhu kuzolekelela ekutheni kubanjwe izigilamkhuba ezisebenzisa lolu hlobo lwebhizinisi ukufihla imali etholakala ngezenzo ezingekho emthethweni...
Thandoluhle Ngubo
UNGQONGQOSHE weMali kuzwelonke uMnu Enoch Godongwana, uveze ukuthi uhlaka
lukahulumeni oluqoqa intela iSouth African Revenue Service (SARS), luzoqhubeka nemizamo yalo yokuqoqa intela emabhizinisini angabhalisiwe, okubalwa kuwo imboni yamatekisi nezimoto ezikhokhela ngamabanga (e-hailing).
UGodongwana usho lokhu ephendula imibuzo yePhalamende ngezinyathelo ezithathwa wumnyango wakhe ukuqinisekisa ukuthi ukuqoqwa kwentela akuzweli ezakhamizini zakuleli ezisebenzayo kuphela, kodwa kuyafika nasemabhizinisini angabhalisiwe.
NguNgqongqoshe weMali kuzwelonke uMnu Enoch Godongwana.
UGodongwana uthi zikhona izinhlelo asebeqalile ukuzisebenzisa njengokuthuthukisa indlela yokubhaliswa kwamabhizinisi, i-Informal Economy Response Strategy.
"ISARS iyaqhubeka nemizamo yayo yokuqinisekisa ukuthi wonke amabhizinisi akuleli ayabhaliswa, ikakhulukazi lawo intela engaqoqwa kuwo, esingabala kuwo imboni yamatekisi.
"Lokhu kuzolekelela kakhulu ekutheni iSARS ikwazi ukubamba izigilamkhuba ezisebenzisa lolu hlobo lwebhizinisi ukufihla imali etholakala ngezenzo ezingekho emthethweni," esho.
UNgqongqoshe weMali kuzwelonke uMnu Enoch Godongwana umemezele ukuthi izimoto ezikhokhela ngebanga sezizokhokha intela.
Uthi uhlelo lokubhaliswa kwamanye amabhizinisi abengabhalisiwe, luqalile kunyakamali ophelile. Uthi kulo nyakamali babheke ukubhalisa isibalo esingaphezulu kwabasibhalise ngonyakamali ophelile.
"Ngonyaka owedlule sibhalise amabhizinisi awu-21 890, saqoqa kuwo intela
ewu-R314 million. Amabhizinisi esiwabeke eqhulwini kwesifuna abhaliswe, yimboni yamatekisi neyezimoto ezikhokhela ngamabanga.
Uthi amanye amabhizinisi abazowabukela eduze ukuze kuqoqwe kuwo intela, yiziphaza, yizindawo ezidayisa ukudla, osonkontileka abancane abasembonini yezokwakha kanye nabahweba ngezobuchwepheshe besimanje.