Izindaba | 05

Friday, 13 June 2025

Image
Image

Indida ngokubulawa
kwesangoma esigodlweni


Kuthiwa sidutshulwe, sabulawa siphuma ukuyokwelapha

Skhosiphi Mthembu

KUSOLWA abesilisa abafike bazenza abayohlola, ngokufa kwesangoma esidutshulwe sabulawa ngeledlule, esigodlweni saso esigcemeni sakwa-Q, eMlazi.

Ngokuthola kwe
LANGA Lempelasonto, uMnu Sifiso Ndlovu udutshulwe wabulawa ngenqwaba yezinhlamvu ngabantu abangaziwa, okuthiwa bafike beyofuna usizo lokuhlola, njengoba befike izikhawu ezimbalwa bezomfuna, kodwa bengamtholi.

Umthombo waleli phephandaba osondelene nomufi, uthi nakuba ingaziwa imbangela yokubulawa kwakhe, kodwa umufi kukhona ake akhuluma kubona, eveza ukuthi isimo kasisihle phakathi kwakhe nabanye abelaphi bendabuko angazange abadalule.

Uthi umufi ubebuya ukuyokwenza umsebenzi wakhe wokwelapha abantu komunye umndeni, wabe esedlulela empophomeni, eyogeza ngaphambi kokuba abulawe.

Kunabafana okuthiwa bebelokhu bemfuna kwakhe

"Ngosuku lwesigameko, kuvela ukuthi kunabafana abafikile emzini wakhe, bakhuluma nesiqashi, besibuza ukuthi ukuphi.

"Bachazeliwe ukuthi akekho, baqhubeka nokuhlala emgwaqweni, bemlindile. Kuthiwa baze bashiya inombolo yabo, benxusa ukuba bathintwe uma kwenzeka efika.

"Baphinde babuya okwesibili, kodwa ubengakabuyi. Bakuvezile ukuthi bafuna ukuhlola kuyena. Siyasola ukuthi yibona abathintekayo ngoba esigodlweni, imali kayithathwanga, naye ubesamanzi, okufakazela ukuthi ubekade ephuma empophomeni, njengoba ebechazile ukuthi uzoqala khona.
Ubesafake nomqhele ekhanda, ehleli phansi encikile, kungathi khona abemhlolela," kusho umthombo.


Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMlazi aphenya icala lokubulala emuva kokuba kudutshulwe kwabulawa owesilisa oneminyaka ewu-34 ubudala.

0