05 | Izindaba

Friday, 13 March 2026

Igeqa amagula 'inkabi' esiphenduke ufakazi wombuso kwelabashadile

Okuphinde kwavela enkantolo, wukuthi isibhamu esabulala enye yezinkabi, yilesi esasetshenziswa ukubulala uNkz Khomo

Image

Thandoluhle Ngubo

IYAQHUBEKA nokwethula ubufakazi bayo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, "inkabi" uMnu Sibusiso "Gadaffi" Ndlovu, esiphenduke ufakazi wombuso ecaleni lokubulala elibhekene nabashadile, uMnu Thokozani "Sgci" Mchunu (41) nenkosikazi yakhe uNkk Nomusa Mchunu (39).

Laba babhekene namacala awu-7 okungawokuthu-mba, ukuzama ukubulala, ukubulala nokuzama ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

Wonke la macala athinta imizamo yokubulala uNkz Noluthando Khomo, owadutshulwa, wabulawa esigamekweni okwalimala kuso indodana yakhe eyayinezinyanga ezintathu, eyadutshulwa engalweni.

Ubufakazi obuqukethwe ngamaphepha enkantolo, buveza ukuthi uNkz Khomo, owayengumfundi waseDUT, waba sebudlelwaneni noSgci, baze bathola ingane.

Kuthiwa lokhu akwehlanga kahle kuNkk Mchunu, ongummangalelwa wokuqala kuleli cala, okuthiwa wenza imizamo yokubulawa kukaNkz Khomo.

Kuthiwa isigameko sokuqala kasibanga yimpumelelo njengoba uNkz Khomo atholakala esaphila ngemuva kokushaywa kanzima.

UGadaffi ugibele ebhokisini lofakazi ngoLwesibili, lapho etshele khona inkantolo ngokuhlelwa kwaleli tulo lokubulala uNkz Khomo.

Uthi wafika emzini walaba abashadile ukuyosiza ngezinto ezincane, wagcina esehlala khona ngokugcwele.

Uthi ngemuva kokuba uNkk Mchunu etholile ngokukhulelwa kukaNkz Khomo, wamazisa ukuthi ufuna inkabi "ezogudluza" umufi.

Uthi waqoka ukuwuthatha yena lowo msebenzi, ngoba wayengahlosile ukumbulala (umufi).

Image

Uthi wabe eseyenga umufi, wamthatha waya naye kwenye indawo eseCampertown, lapho amshaya khona, wamklinya, wamshiya lapho.

Umufi watholakala, waphuthunyiswa esibhedlela lapho asizakala khona.

UGadaffi ubusonge lapho ubufakazi bakhe njengoba enenkinga yokuhlala ebhokisini ngoba ehamba ngesihlalo esinamasondo, ngemuva kokuba kukhona abazame ukumsoconga emuva kwesigameko sokubulawa kukaNkz Khomo.

Kuzokhumbuleka ukuthi uGadaffi uyinkabi yesibili esiphenduke ufakazi wombuso kuleli cala.

Eyokuqala nguSimiso Jerome Liphenyana, eyakhipha iqiniso, maqede yagwetshwa iminyaka ewu-8, ngokuthumba uNkz Khomo nendodana yakhe.

Ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe kule nkantolo, uLiphenyana wakhomba wonke amacala kulaba abashadile nenkabi eyadutshulwa yabulawa, uMnu Sanele Ngcobo.

Waveza ukuthi wacelwa nguNgcobo noSgci ukuba azoshayela imoto eyayizoyolanda umufi kubo.

Image

Watshela inkantolo ukuthi umyalelo awuthola, wukuthi kuzomele yena noNgcobo bazenze amaphoyisa uma sebeyothatha umufi ukuze kube lula ukumthola.

Waveza ukuthi wethuka isimanga uNgcobo esedubula umufi. Uthi isidumbu sakhe basishiya emotweni ababehamba ngayo ehlathini, ababhadanywa ngamalungu omphakathi sebebuyela kuyo ngenhloso yokuyoyishisa nesidumbu.

ULiphenyana wakwazi ukubaleka olakeni lomphakathi. UNgcobo wabanjwa, waboshwa, wadedelwa ngebheyili, okuyilapho adutshulwa khona wabulawa.

Icala lokubulawa kwakhe lethweswe laba abashadile. Kuyo le nkantolo kuphinde kwavela ukuthi isibhamu esabulala uNgcobo, yilesi esabulala uNkz Khomo.

0