05 | Izindaba

Friday, 17 April 2026

Image

Abameli bakaMalema bathwale kanzima “ukumtakula” okwesikhashana

Ngesikhathi imantshi ikhipha isigwebo, ithe abantu abebencengela lo mholi, bebecabanga ukuthi kuyadlalwa enkantolo

Menzi Jele

BATHWALE kunzima abameli bakaMnu Julius Malema (osesithombeni), ongumholi we-EFF, ukumtholela imvume yokudlulisa isinqumo seNkantolo yesiFunda yase-East London, KuGompo City, e-Eastern Cape, ngoLwesine, emuva kokuba imgixabeze ngesigwebo seminyaka ewu-5, ebhadla ejele.

Nokho igcine ivumile ukuba uMalema adlulise lesi sigwebo esikhishwe yiMantshi, uTwanet Olivier.

Ugwetshwe iminyaka ewu-7 isiyonke; okungewu-5 yokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, emibili yezinhlamvu ezingekho emthethweni, nenhlawulo ka-R20 000 ngokuqhumisa isibhamu emphakathini.

Ikhipha isigwebo imantshi, ithe lokhu okwenziwa nguMalema eSisa Dukashe Stadium, eMdantsane, KuGompo City - ngesikhathi i-EFF igubha ukusungulwa kwayo, ngo-2018 - kwaba yihlazo elingachazeki. Ithe wayeyihlelile le nto ayenza.

"Abanye abantu bebekwethembile ngoba ungumholi weqembu eliphikisayo elisephalamende. Indlela owaziphatha ngayo kayemukeleki neze, futhi kawukhombisanga ukuzisola ngalokho.

"Nabantu abebekuncengela ukuthi uthanjiselwe isigwebo ngokuthi uhlawuliswe, bebekhuluma ngokuthi kawubulalanga muntu, kawulimazanga muntu, futhi unekhishi lesobho (soup kitchen) olengamele.

"Kubo bekungathi wumdlalo nje ukuba kule nkantolo," kusho imantshi.

Image

NgoLwesithathu nangoLwesine, izinkumbi zamalungu nabalandeli be-EFF, bezigcwele imigwaqo KuGompo City, ziyokweseka umholi wazo.

Ngesikhathi kukhishwa isigwebo, abanye abaholi be-EFF bebengaphandle, beshaya itoyi-toyi noquqaba obelulinde uMalema.

Emuva kwalo lonke uhlelo lwasenkantolo, uMalema uphume ephahlwe ngabomndeni wakhe - obekukhona kubo nomkakhe uNkk Mantwa Matlala-Malema - abameli bakhe nabaholi bezenkolo.

UMalema uthe ubatshelile abalandeli bakhe ukuthi ngeke alale esitokisini.

Ukhale ngezinhlaka zomthetho ebezengamele icala lakhe, kusukela eboshwa, nangesikhathi elahlwa yicala ngo-October wonyaka odlule, nokugwetshwa kwakhe ngoLwesine.

Uthe ubeboshelwa amanqina enyathi, futhi usamile ekutheni umsulwa.

Kulindeleke ukuba inkantolo yokwedlulisa amacala, ikhiphe usuku okuzolalelwa ngalo isicelo sikhe.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

0