05 | Izindaba

Friday, 21 August 2026

Bobabili bake baboshwa phambilini, kodwa bangagwetshwa...

Banikwe odilikajele (2) ababulala omakhelwane kubangwa ukuba 'ngomalume'


Esinye isisulu esabaleka, basilandela bayosiqedela phambi kukamzala waso...
Image

Thandoluhle Ngubo

BAGIXATSHEZWE ngodilikajele ababili neminyaka engaphezu kuka-15, ngaphezulu abafana ababili abalahlwe amacala okubulala, kubangwa ukuthuthwa kwezingane zesikole, eMaotana, eNanda.

ULungelo Sibisi (22) noNkosinathi Ndzolo (23), abebevele ngoLwesine eNkantolo eNkulu yaseThekwini, bagwetshwe ngamacala amabili okubulala uMnu Siyabonga Nzama (22) noMnu Siphelele Luyanda Hlophe (24), abadutshulwa babulawa ngo-2024, kwaQedumona, eNanda.

Ngokobufakazi obethulwe enkantolo, uNzama noHlophe babengabangani abakhulu, kanjalo nabamangalelwa, bonke behlala endaweni eyodwa.

Image

Kuvele ukuthi uNzama wayesebenza
"engumalume", ethutha izingane zesikole.

Ubufakazi buthi, uSibisi naye wayenza umsebenzi ofanayo esebenzisa imoto kayise. Kuthiwa nakuba uSibisi ayewenza lo msebenzi, wayengenazo izincwadi zokushayela. Kuthiwa ekuhambeni kwesikhathi uSibisi waboshwa ngecala elingahlangene naleli, izingane ayezithutha zasala dengwane.

Zabe sezithathwa nguNzama, okwathi uma ededelwa uSibisi, kwasuka umsindo, efuna kubuye izingane ayezithutha ngaphambi kokuboshwa.

Inkantolo izwe ukuthi ngosuku okwabulawa ngalo abafi, babemi esitobhini sebhasi, bephuma kubo kaHlophe. Kuthiwa besamile, kwaqhamuka imoto yohlobo lweToyota Etios, esagolide, kwehla kuyo uSibisi noNdzolo, bavulela ngenhlamvu bebhekise kubafi.

Image

Kuvele ukuthi uHlophe wakwazi ukubaleka waya kubokamzala wakhe, kodwa abamangalelwa bamlandela, bambulalela khona, phambi kukamzala wakhe owayengumfundi wesikole.

Kuvele ukuthi ngesikhathi abamangalelwa beboshwa, uSibisi watholakala nesibhamu okuthiwa sasebiwe, sinezinhlamvu eziwu-7.

Kuthiwa uNdzolo watholakala noqhwasha owawunenhlamvu eyodwa.

Umbuso ucele inkantolo ukuthi ingabazweli abamangalelwa, kodwa iqinise isandla uma isibagweba. Bezincengela isigwebo esincishisiwe. USibisi utshele inkantolo ukuthi ukhule kanzima njengoba ekhuliswe nguyise, obemshayelisa izimoto zakhe ezithutha izingane, emholela uR200 ngesonto.

Uthi esikoleni wayeka ekwa-grade 11, akanangane, wake waboshwa phambilini kodwa wangagwetshwa.

Image

UNdzolo utshele inkantolo ukuthi ubesebenza njengonogada ngemuva kokuphothula umatikuletsheni wakhe. Uthi naye wake waboshwa phambilini kodwa wangagwetshwa, ukhule ehlala nonina, akanangane naye.

Lethula isigwebo iJaji uRithy Singh, lithe abamangalelwa kabakhombisanga ukuzisola ngesenzo sabo ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala. Lithi likholwa wukuthi kumele bathole isigwebo esiqinile.

"USibisi ngimgweba odilikajele ababili ngamacala okubulala, yiminyaka ewu-15 kwelokutholakala nesibhamu neminyaka ewu-3 kwelokutholakala nezinhlamvu.

"UNdzolo ngimgweba odilikajele ababili kwawokubulala, iminyaka ewu-15 kwelokutholakala noqhwasha nonyaka  kwelokutholakala nenhlamvu," kusho ijaji.

0