Izindaba | 04
Friday, 23 May 2025
Lucky Cain
UZONANDISA okokuqala eThekwini kusukela alulama ekuhlaselweni yisifo sohlangothi umculi wodumo uLira, osekuphele isikhathi esingangonyaka esebuyele ngokugcwele emculweni.
ULira umenyezelwe ohlwini lwabaculi abazonandisa kwiHollywoodbets Durban July yalo nyaka. Kulolu hlu uzoshiyelana inkundla noZolani Mahola, iMafikizolo, iHot Water, iGoodLuck, uDJ Dalootz, uLee Cole, iSunset Sweatshop nabanye.
Umcimbi walo nyaka ogabe ngengqephu namahhashi, uzobe uhambisana nesiqubulo esithi, Marvels of Umzansi.
Abasiki bengqephu sebeqalile ukuthunga umswenko ohambisana nengqikithi yesiqubulo salo nyaka.
Kulo nyaka uLira uqalile ukubonakala emicimbini emikhulu, okubalwa kuyo neCape Town Jazz, lapho ehluleke wukuzibamba wafikelwa wumunyu wakhumbula ehlaselwa yilesi sifo ngo-2022. Samhlasela wahluleka nawukukhuluma, kwaba nzima nokuthi akhiphe amagama.
"Sengikwazile ukubuyisa impilo yami. Kube wuhambo olunzima kodwa ekugcineni bekumele ngiluhambe," kubalisa lo mculi enkundleni yakhe yokuxhumana i-Instagram.
Uveze ukuthi lona wunyaka wokubungaza kuyena, uthi kuningi okuhle okwenzekayo empilweni yakhe, ikakhulukazi njengoba esebuya ngokugcwele emculweni.
ULira usenandise emicimbini eyahlukene kusukela akhuza ibuya emculweni ngonyaka owedlule, kanti uzwakalisa ukujabula ngendlela abantu abamamukela ngayo emicimbini.
Uqale ukubonakala enandisa emcimbini weMothers Day wangonyaka owedlule eGoli. Wahlaselwa yisifo sohlangothi esibizwa
nge-Aphasia, esenza kube nzima ukukhuluma nokukhipha amagama.
Okhulumela iHollywoodbets uNkz Zandile Dlamini, uthi umcimbi walo nyaka ungaphezulu komjaho wamahhashi, uhlanganisa izizwe ezahlukene namasiko.
Uthe lolu hlu lwabaculi abazonandisa, yilapho abaqhakambisa khona ukuthi iNingizimu Afrika imeleni. Lolu hlu lwabaculi luzonandisa endaweni evulelekile ngaphakathi enkundleni iGreyville, lapho kuzoba kunezinkumbi zabantu abazobe bethenge amathikithi ka-R230.
Lo mcimbi usuke ugabe ngosaziwayo abahlukene, abasuke beswenke beconsa, abanye behlaliswe ematendeni anezibiliboco nokunye. ULira uyaziwa ngamanoni, okubalwa kuwo Ngiyazifela, iSomething Inside So Strong, iPhakade namanye.
lucky.cain@ilanganews.co.za