04 | Izindaba

Friday, 23 October 2026

Image

NGUTHABANI 'Putin' Hlatshwayo, ngesikhathi eboshwa.

Intatheli yeLANGA

Ubuyiselwe ekhulukuthu uPutin, odume ngenhlamba kwiTikTok

LIMBUYISELE ngaphakathi ekhulukuthu elinye lamacala owesilisa odume ngokuthuka abantu ngenhlamba enkundleni yokuxhumana, iTikTok.

Ngokuthola kwe
LANGA Lempelasonto, uThabani 'Putin' Hlatshwayo (36), uboshwe ngoLwesibili kusihlwa, wavela eNkantolo yeMantshi eKempton Park, eGoli ngoLwesithathu.

kuthiwa njengoba ebhekene namacala okubalwa kuwona elokwedelela inkantolo, wukuqola esebenzisa i-internet nokwehlisa abanye abantu isithunzi, elinye lawo limbuyisele ngaphakathi, kwathi kwelinye wanikezwa ibheyili ka-R1000.

Kulilizele inqwaba sekuzwakala
ukuthi ubuyiselwe esitokisini

Kulilizele abaningi sekuzwakala ukuthi ubuyiselwe esitokisini. Udume ngokuthuka izikhulu nabantu abadumile ezinkundleni zokuxhumana.

Ugxavunwe ngamaphoyisa engazelele ngoLwesibili ebusuku. Amngenele endlini esathi ukhuluma nabantu abamlandelayo (live) kwiTikTok.

Baningi abantu nabaholi abebathuka

Phakathi kwabantu abakhulu asolwa ngokubathuka, kubalwa iSilo uMisuzulu kaZwelithini, uNdunankulu waKwaZulu Natal, uMnu Thami Ntuli, uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa, iNkosi yebandla lamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, uMduduzi 'Nyazilwezulu' Shembe, umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose, uNgqongqoshe wezoKubusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, owayengumsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu nabanye abaningi.

Image

NGUMHOLI webandla lamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, iNkosi uMduduzi "Nyazilwezulu" Shembe, neSilo uMisuzulu kaZwelithini, abangabanye babaholi abake bathukwa nguPutin.

Kuthiwa icala ulivulelwe nguMnu Sfiso Calvin Biya, noNkk Raphahle Shirely Biya. Umndeni wakwaBiya kuthiwa umangalele  uThabani ngemuva kokuba kukhona abamtshele (uThabani) ukuthi baqolwe wumndeni wakwaBiya, u-R9 97000 wokuthengwa komhlaba nokwakhiwa kwendlu.

Kuvela ukuthi uPutin wabikelwa ngomndeni 'obungafuni ukukhokha, wacelwa ukuba awuthuke enkundleni yakhe'

Laba ababike kuThabani, bebefuna abalwise le mpi enkundleni yakhe yokuxhumana, njengoba eziphilisa ngakho ukufunela abantu izikweletu online, esebenzisa inhlamba bese bemkhokhela abakweletwayo.

Abakhalayo baveze ukuthi baqolwe imali ngoba isivumelwano abebenaso nomndeni wakwaBiya kasifezekanga.

UThabani uqale lapho ukuhlasela abakwaBiya enkundleni yakhe yokuxhumana. Leli cala lokuthuka umndeni wakwaBiya, waxwayiswa ngalo yinkantolo ngo-September, wanqunyelwa ukuba ahoxise izinkulumo azifakile ngabo kwiTikTok. Kuthiwa uThabani wawushaya indiva umyalelo wenkantolo.

Kuthiwa ukwedelela umyalelo wenkantolo
yikhona okumbuyisele esitokisini

Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uCaptain Neldah Sekgobela, uthe amaphoyisa aseKempton Park, ayakuqinisekisa ukuthi abophe owesilisa oneminyaka ewu-36, odume ezinkundleni zokuxhumana. 

Uthi uphume ngebheyili ka-R1000, waphinde wabuyiselwe ejele ngenxa yokuthi wahluleka wukuvela eNkantolo eNkulu.

Uthe ovule icala usola lona wesilisa ukuthi wafaka enkundleni yokuxhumana i-video esola isisulu ngokuthi sashadelwa ngemali yokuntshontshwa.

0