04| Izindaba

Friday, 05  December  2025

Ubuya negama elisha owokuhlukanisa unyaka eMhlathuze

Kuhloswe nokuthuthukisa osomabhizinisi namaciko angaphansi kwalo masipala

Image

NGUMAWHOO, ongumculi ozobe eyingxenye yomcimbi. 

Lucky Cain

UBUYA negama elisha umcimbi wokuhlukanisa unyaka eRichards Bay, obubizwa ngeLast Dance Music Festival, osuzobizwa ngokuthi Umhlathuze Fest, futhi osuhlelwa ngabahleli abasha.

ILANGA Lempelasonto
lixhumane noKwazi Zungu, odume ngelikaFacebook, ngaphansi kwenkampani iSunset Evets and Projects, osekuyiyona eyengamele lo mcimbi oke wabizwa ngamagama ahlukene phambilini, okubalwa kuwona iLast Dance Music Festival,  nangokuthi iGumba Fest, ngonyaka owedlule.

UZungu uthe kulo nyaka bazimisele ukuqala ngegiya eliphezulu, wathi bayathobeka ngokwethenjwa ngokuthi bengamele umcimbi njengoba usuke wasingathwa ngabanye phambilini, futhi waba nedumela.

"Esizimisele ukukwenza wukuthi unyaka waseNingizimu Afrika uhlukaniswe eMhlathuze. Ngalokhu siqonde ukuthi ozobe engekho eRichards Bay ngomhla ka-31 kuDecember 2025, ufana nomuntu ongawuhlukanisanga unyaka," kusho uFacebook.


Uthi lokhu ukusho ngoba wonke umculi osethubeni lokuhlukanisa unyaka, noma onengoma eshisayo, uzobe eseBay.

Image

Kuboshelwe abaculi abashisayo

"Sibophele abaculi abanohlonze, esinesiqiniseko sokuthi bazojabulisa abantu kusukela ngehora lesithathu ntambama kuze kushaye umhla ka-1 kuJanuary 2026," esho.

Uthe kulo mcimbi kuzobe kuboshelwe abaculi, okubalwa kubo Umafikizolo, uNtancane, uKhuzani, uMthandeni SK (
osesithombeni esingenhla), uLimit, uBig Zulu, uLwah Ndlunkulu, uMawhoo, uYoung Stunner, uNtaba YaseDubai nabanye abasazomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.

UZungu uthi abazobe beqhamuka kude beqashe izindawo zokulala eBay, akumele baphinde emuva bengayanga ebhishi.

Image

NGUMCULI uYoung Stunna, ongomunye wabaculi abazonandisa eMhlathuze.

Umcimbi uzobuye uqhubeke mahhala ebhishi 

"Ngomhla ka-1 sizobe sisaqhubeka ebhishi, futhi sinabo abaculi abazojabulisa abantu.

"Okuhle ngomcimbi wasebhishi wukuthi kuzobe kungenwa mahhala, ngaphandle kwalabo abazobe bezimisele ngokuba yizicukuthwane," kusho uFacebook.

Uthe okuseqhulwini ngalo mcimbi walo nyaka wukuthi uzogxila kakhulu ekuthuthukiseni osomabhizinisi baseMhlathuze namaphethelo, kanjalo namaciko angaphansi kwalo masipala.

"Sifuna kuhlomule kakhulu abantu abangaphansi koMhlathuze, yingakho siqashe inqwaba yabaculi abasakhula bakhona, saphinde sasebenzisana nosomabhizinisi ngenhloso yokuthi nabo bahlomule ngawo," esho.

Uthe okuhle wukuthi nezokuvakasha zizothuthuka njengoba izindawo zokulala zikhona, ezinye zazo seziqalile ukuthola izicelo zabantu abazimisele ukuzinza eMhlathuze ngobusuku bokuhlukanisa unyaka.


0