04 | Izindaba

Friday, 14 November 2025

'Sinezimfihlo esizongena nazo egodini noMkhwanazi' - Nkabinde

Uthi bahlangana noMchunu eMpangeni bebuya ezindleleni zabo "njengabafana" benoMkhwanazi

Image

NGUMNU Cedrick Nkabinde, oyisikhulu ehhovisi likangqongqoshe wezamaphoyisa osamisiwe, uMnu Senzo Mchunu.

Lucky Cain

UZICHAZE njengomngani osondelene noMkhuzi wamaphoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene uNhlanhla Mkhwanazi, uMnu Cedrick Nkabinde, oyisikhulu ehhovisi likaNgqongqoshe wezamaPhoyisa osamisiwe, uMnu Senzo Mchunu, ngesikhathi evele phambi kwekomidi lasePhalamende eliphenya ngokugxa-mbukela kwesandla semfene ekusebenzeni kwamaphoyisa.

UNkabinde ubethula ubufakazi kuleli komidi eKapa, ngoLwesine

UNkabide igama lakhe laqala ukuvela ngesikhathi uMkhwanazi ebize isigcawu sabezindaba, lapho aneka khona amahlazo ngobekwenzeka emnyangweni wamaphoyisa, okuhlanganisa nokugxambukela kwabezepolitiki emsebenzini wabakwaSidlodlo.

UNkabinde ngesikhathi ethula ubufakazi, uchaze ngobudlelwano bakhe noMkhwanazi, wathi bangabangani abakhulu njengoba bazana nalapho behlala khona, futhi nemindeni yabo iyazana.

Uthi kunezikhawu lapho uMkhwanazi ashiya khona umshayeli wakhe nabaqaphi bakhe, bahamba ndawonye ngemoto beya komunye umngcwabo.

"Ngamsiza uMkhwanazi ngokumdwebela ipulani yomuzi wakhe, ngamxhumanisa nomuntu engijwayele ukumsebenzisa"

"Ukusondelana kwethu kuphezulu njengoba nangesikhathi efuna ukwakha umuzi wakhe eMpendle, waxhumana nami, ngamsiza ngokudweba ipulani yawo, ngaze ngamxhumanisa nomuntu engijwayele ukumsebenzisa, odweba amapulani ezindlu," kusho uNkabinde.

Uphinde waveza nokuthi yena noMkhwanazi banezimfihlo abazongena nazo egodini lokufa. Kuleli komidi uNkabinde uchaze nangesikhathi yena noMkhwanazi bahlangana khona noMchunu eMpangeni.

Uthi kulolu hambo babezihambela izindlela zabo "zobunsizwa" beya eMpangeni, okwathi sebebuya, badlula ukuyobona uMchunu (
osesithombeni esingezansi).

Image

"UMchunu ngase ngimazi ngoba ngangizithathile izinombolo zakhe ngesikhathi engummangali kwelinye lamacala engangiwaphenya," kusho uNkabinde.

Uthi wayigcina ngaleso sikhathi inombolo kaMchunu ngenxa yokuthi wayengumuntu omkhulu, futhi amhloniphayo.

"Uma ngithola ithuba lokuba nenombolo yomuntu omkhulu, ngiyayigcina. Nalapha ekomidini ngingenza okufanayo uma ngingase ngithole enye yezinombolo zenu, ngoba nibakhulu, futhi ngiyanihlonipha," kuchaza uNkabinde.

Uqhubekile wachaza ngokuthi bazana kangakanani noMkhwanazi. Uthi wamangala ngesigcawu sabezindaba sangomhla ka-6 kuJuly.

"Umngani wami wayediniwe ukuthi ngiyamqopha... Kulesiya sigcawu kunezinto ezaziwa yimina naye angazishongo"

"Okwangicacela ngalesiya sigcawu, wukuthi umngani wami wayediniwe ukuthi ngamqopha. Okumangazayo wukuthi kusona lesiya sigcawu kunezinto ezaziwa yimina naye angazishongo," kusho uNkabinde.

Kuleli komidi uNkabinde uphinde wachaza nangokwazana kwakhe noMchunu, nokuthi waqashwa kanjani esikhundleni sokuba yiChief of Staff ehhovisi likangqongqoshe.

Uthe waqokwa nguMchunu wabe esehlela konke nehhovisi lakwaNdabazabantu emnyangweni wamaphoyisa. Uthi akayenzanga inhlolokhono yokuthola lo msebenzi, kodwa waqokwa, kwabe sekubhekwa ukuthi unazo yini izimfanelo zokusingatha lesi sikhundla.

"Nebala bangihlola, bathola ukuthi nginazo iziqu ezifanele, bathatha nomaka beminwe ukubheka ukuthi kangikaze ngimbandakanyeke yini ebugebengwini.
Ngaphuma ngimsulwa, kwabe sekuwukuqashwa kwami," kusho uNkabinde.

Uyichithile imibiko okuvela ukuthi yashiwo nguMchunu kuleli komidi, yokuthi kwaba nethimba elenza inhlolokhono yalabo ababephakanyisiwe kulesi sikhundla.

Amalungu aleli komidi ambuzile uNkabinde mayelana nokwenza inhlolokhono, waqinisekisa ukuthi akakaze ayenze.

0