04| Izindaba
Friday, 16 January 2026
Banethemba lokuthi ukuthathwa njengenhlekelele kwalesi sifo, kungasidambisa ezweni
Phumlani Gama
BABAMBA bayayeka abafuyi baKwaZulu-Natal, ngenxa yokwanda kwezigameko ezidalwa yisifo samatele esibheduke ngamandla ngasekupheleni konyaka odlule.
NgoLwesithathu uNgqongqoshe woMnyango wezoLimo kuzwelonke, uMnu John Steenhuisen, uthe uzofaka isicelo kumengameli wezwe, sokuba luthathwe njengenhlekelele ekhungethe izwe lonke, udaba lwalesi sifo esigadla siphindelela emfuyweni.
Leli phephandaba likhulume nabafuyi abambalwa, abazwakalise ukuseseka lesi siphakamiso.
Bathi banethemba lokuthi ukungenelela kukame-ngameli kungadala amathuba amaningi okuthi wonke umuntu ayibukele eduze inkinga yalesi sifo. Lesi sifo sihlasela izinkomo, izimbuzi nezinye izilwane ezihamba ngamanqina.
Inkomo okanye imbuzi esuke ihlaselwe yilesi sifo, ibonakala ngokuphelelwa ngamandla uma ihamba.
Kayiwunyatheli ngokukhululeka umhlabathi uma imile noma ihamba. Kuyaye kube sengathi iyawagoqa amanqina. Kayikuthandi ukudla, igxaza amathe. Uma uyivula umlomo uthinta ulwimi lwayo, luyaphothuka.
Kuphothuka le ndawo ebukeka sengathi iyinkwethu. Izinselo amanqina ayaye abe nezilonda.
ILANGA Lempelasonto lizwe ngomthombo walo ukuthi kunengxenye yodokotela asebeqoke ukuhosha izinyawo uma bebikelwa ngalesi sifo.
Kuthiwa badinwa wukuthi kuthiwa umnyango kawusenayo imali eyanele yokuthenga imithi. Iningi labafuyi lithi ligcina seliphoqeleka ukusebenzisa noma ngabe yini, ukuzama ukuphilisa izilwane zalo.
Abafuyi bathi bazama konke ukusindisa imfuyo yabo
UMnu Sikhumbuzo Mngomezulu waseBhambanana, uthi bathatha noma yini, kodwa kakuwenzi umehluko, ikakhulukazi uma imfuyo isinezinsuku ihlabekile.
UMnu Thembinkosi Hlongwa waseNdwedwe, uthe inkinga enkulu wukuthi kusenabantu abasehlulwa nje wukubona izimpawu zemfuyo esuke isihlabekile.
"Siyasemukela isiphakamiso sikangqongqoshe.
"Ukuba kuleso sigaba, kuzokwenza kuqine nemithetho yokuhanjiswa kwemfuyo emigwaqweni yakuleli. Singabafuyi siyahlangana sixoxe, sibuyele emakhaya sesiyozama noma ngabe yini esisuke sicabanga ukuthi iyasiza.
"Kwesinye isikhathi sigcina sesifaka ngisho nama-alamu, kodwa kungabi namehluko. Namanje sidunguza ebumnyameni ngalesi sifo," esho.
UMnu Vusi Khumalo okhulumela ungqongqoshe walo mnyango KwaZulu-Natal, uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa, uthe bayasemukela lesi siphakamiso sikaSteenhuisen.
"Siwumnyango kasinawo amaphoyisa okufanele aqinise imithetho emigwaqweni yakuleli. Ukungenelela kukamengameli kungasibeka emathubeni amakhulu okuyinqoba le mpi.
"Mkhulu umonakalo ozogcina wenzekile uma kungabanjiswene kule nkinga, ngoba ukulimala kwemfuyo kusho ukulimala komkhakha wenyama," kuphetha uKhumalo.