Izindaba | 04
Friday, 30 May 2025
Menzi Jele noSkhosiphi Mthembu
Itholakale ePhoenix imoto ethinteka ekubulaweni kwesitshudeni saseWits
Uphiko oluyisipesheli lwamaphoyisa, imoto luyithole ePhoenix, eThekwini endaweni okukhandwa kuyo izimoto, inegazi ngaphakathi
AMAPHOYISA athungatha amadoda amathathu, KwaZulu-Natal, asolwa ngokuthinteka ekubulaweni kwesitshudeni saseWits University, u-Olorato Mongale (30) (osesithombeni esingenhla).
UFezile Ngubane, uPhilangenkosi Makhanya, noBongani Mthimkhulu (abasesithombeni esingenzansi), amaphoyisa afuna ukubaphosa imibuzo ngokubulawa kuka-Olorato.
UPhiko oluyisiphesheli lwamaphoyisa, imoto yohlobo lwe-VW Polo, luyithole endaweni ekhanda izimoto ePhoenix, eThekwini, ngoLwesine, inegazi phakathi.
Amaphoyisa aye kubo womunye wabasolwa, athola uyise ovumile ukuthi imoto ngeyakhe.
UBrigadier Athlenda Mathe, uthi uyise kamsolwa uyasebenzisana namaphoyisa, noma engabazi ukuthi bakuphi.
"Laba basolwa basagcwele amathafa, bayaba-leka ngoba bayazi ukuthi siyabafuna. Ubaba womunye wabasolwa, ongumnikazi wemoto, uyasebenzisana nathi ngoba uzwakalise ukukhathazeka ngokwenzekile. Imoto sithole ukuthi iyathinteka kwamanye amacala aphenywayo," kuchaza uBrigadier Mathe.
U-Olorato, ongowaseBloemfontein, eFree State, wanyamalala ngeSonto, ehambe nomlisa owaziwa ngelikaJohn, watholakala esebulewe emahoreni amabili ehambe nalo mlisa.
Kuthiwa wayeke wambona ngakubo eBloemfo-ntein, njengoba wafika eWits lapho acela khona "ukumkhipha" bayodla ngaphandle.
menzi.jele@ilanganews.co.za