04 | Izindaba

Friday, 11 July  2025

Image

NguSbo Da Poet owenze inkondlo encoma uJenene Mkhwanazi.

Imbongi iqhakambisa amagalelo kaMkhwanazi ngenkondlo


Lo sonkondlo uthi amaciko mawasebenzise ubuciko bawo ukuphefumula  ngezigameko ezenzeka emiphakathini...

Lucky Cain

IKHUTHAZA amaciko ukusebenzisa ubuciko bawo ukuphawula ngezihloko ezimqoka ezithinta ukuphathwa kwezwe, imbongi yodumo uSbo Da Poet esanda kukhipha inkondlo ekhuluma ngoKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi.

Image

NguJenene Nhlanhla Mkhwanazi oshiye abaningi bekhexile ngeSonto eveza amanyala asemaphoyiseni.

UMkhwanazi usematheni kulezi zinsuku kulandela isithangami sabezindaba sangeSonto lapho ekhiphe amanyala agcwele ngaphakathi embuthweni wamaphoyisa athe ahamba aze afinyelele nakuNgqongqoshe walo mnyango, uMnu Senzo Mchunu.

UMkhwanazi usezakhele igama ngokulwa nobugebengu kusukela angena kulesi sikhundla njengoba sezibe ziningi izigameko ezimthintayo zokulwa nobugebengu KwaZulu-Natal.

USbo Da Poet oke wabonakala nasemidlalweni kamabonakude okubalwa kuyo Isibaya neGomora, ulobe inkondlo ngalo khomishana eqhakambisa amagalelo akhe okulwa nobugebengu esifundazweni.

Kule nkondlo ephindwe ihaywe nguye, umchoma uphaphe legwalagwala uNdonga ngomsebenzi wakhe, futhi uyamkhuthaza ukuba aqhubeke angapheli amandla ukulwa nobugebengu obudlangile ezweni.

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto lo sonkondlo, uthe kumqoka ukuba amaciko abe yingxenye yezihloko ezithinta ukuphathwa kwezwe.

Uthe namaciko amanje kumele angathuli uma kunezihloko ezithinta umphakathi. 

Image

Uthi ukuncoma kwakhe uMkhwanazi kusho ukuncoma  wonke amanye amaphoyisa asebenza ngokuthembeka kanjalo nezinye izinhlaka ezikhona zokuvikela umphakathi.

Uthe amaciko abalulekile noma ngabe kunezigameko ezithinta ipolitiki noma okunye okungahlangene nenjabulo kodwa kumele azwakale ubukhona bawo.

USbo Da Poet uyaziwa ngezinkondlo ezahlukene - ikakhulukazi leyo azakhela udumo ngayo ngethi, The Definition of Makhwapheni esathokozelwa ngabaningi uma eyihaya emicimbini eyahlukene amenywe kuyona.

0