04 | Izindaba
Friday, 02 October 2026
Siyanda isibalo sabadedelwe ngoshwele
abaphinda benze amacala
Thandoluhle Ngubo
KUKHONJWE ngenjumbane ukungasebenzi ngendlela nokwenzelela kwamabhodi abhekelele ukudedelwa kweziboshwa ngoshwele (parole boards), kwanda isibalo sabadedeliwe abaphinda benze amacala.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uvele phambi kwekomidi eliwubhekelele ePhalamende, lapho ebelizokwethula khona umbiko ngohlelo lwawo, lokuzama ukuguqula imithetho kashwele.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, uNgqongqoshe walo mnyango, uDkt Pieter Groenewald, waveza ukuthi kuningi okumele kuguqulwe ohlelweni lokukhululwa kweziboshwa ngoshwele.
Iziboshwa eziyingozi, zidedelwa ngoshwele, zibuyiselwe emphakathini
Kusuka ngo-2021 kuze kube wuJune nonyaka, zingaphezu kuka-8 300 iziboshwa ezidedelwe ngoshwele, kodwa zaphinda zaboshelwa amanye amacala eziwenze ngemuva kokukhululwa.
UGroenewald uthi uhlelo lukashwele olukhona lunezinkinga eziningi, iningi lazo ezidalwa ngamabhodi abhekelele oshwele.
"Izigebengu eziyingozi, okunamathuba amaningi okuthi zingaphinde zenze amacala asabekayo, okumele zigcinwe ngaphakathi, zidedelwa ngoshwele, zibuyiselwe emphakathini. Uma sezifikile emphakathini ziqhubeka nokwenza ubugebengu.
Amabhodi yiwona aphakamisa
ukuthi iziboshwa mazidedelwe
"Selokhu ngingenile ehhovisi lokuhola lo mnyango, sengihlangabezane nezigameko eziningi lapho amaphepha asejele eveza ukuthi isiboshwa siyingozi, futhi maningi amathuba okuthi siphinde senze amacala, kodwa amabhodi abhekelele ushwele, aphakamise ukuthi sikulungele ukudedelwa," esho.
UGroenewald uthi ziningi izindlela zokuguqula uhlelo lukashwele abaphezu kwazo.
Phakathi kwazo ubalule ukwakhiwa kabusha kwezinhlaka ezibhekelele ukudedelwa kweziboshwa, ukufakwa eziboshweni kwemishini emincane ukuze zibonakale lapho ezikhona (tracking devices), wukuqiniswa kwemithetho yokudedelwa kweziboshwa nokunye okuningi.
UNkz Kgomotso Ramalobeng onguSihlalo wekomidi, uvumelana nokushiwo nguGroenewald (osesithombeni esingezansi).
Uthi bakholwa wukuthi uma kubhekwa ushwele, iziboshwa eziyingozi neseziphinda amacala, akumele zifaniswe neziboshwa ezenze amacala amancane, neziqalayo ukuba namacala.
Ngokwemithetho ekhona, isiboshwa esidedelwe ngoshwele, kumele sihlale ejele iminyaka engaphezu kukahhafu wesigwebo saso, uma sigwetshwe udilikajele, kumele sihlale iminyaka ewu-25, kumele siziphathe kahle ejele, sibe yingxenye yezinhlelo zejele zokuhlumelelisa izimilo, sibe nekheli elilodwa, wukwesekwa emndenini nasemphakathini, nokuba nohlelo lokukwazi ukuzondla uma sidedelwa ejele.
Nakuba kunjalo, kuke kwavela kuleli komidi ukuthi ezinye iziboshwa ziyadedelwa emajele ngale kokubhekwa kwalezi zinto, ngenxa yokugcwala ngokweqile emajele.