04 | Izindaba
Friday, 13 March 2026
NguLangelihle Wanda Gumede "King Wanda" othi uzogxila emculweni emuva kokukhishwa kwiBig Brother Mzansi Bazozwa, ngeSonto
Lucky Cain
UHLELA ukukhipha umculo engakaphumi ezingqondweni zabantu, uKing Wanda okhishwe ohlelweni lukamabonakude iBig Brother Mzansi Bazozwa, ngeSonto ngemuva kokuchitha amasonto awu-8 kulona.
UKing Wanda ogama lakhe langempela
uLangelihle Wanda Gumede, uphume eseyingxenye ye-top 10 kulolu hlelo olukhonjiswa kuMzansi Magic nakwiChannel 198, nsukuzonke ubusuku nemini.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto ngemuva kokukhishwa kulolu hlelo, uthe sifezeke saze sadlulela isifiso sakhe sokuba kulolu hlelo.
“Empeleni lokhu kwenzeke kwaze kwadlulela. Ngikwazile ukuhlala amasonto aphindiwe kunalawo ebengizibekele wona, nabantu abaningi sebeyazi ngoKing Wanda okuyikhona ebengikufisa,” kusho uKing Wanda.
Uthe ubefuna ukukhulisa igama lakhe ukuze athi esekhipha umculo, kube sekunabantu abaziyo ngaye.
“Empeleni sekunesikhathi ngenza umculo, bekukhanya kubuye kube mnyama. Ezinye izingoma zami bezidlala nasemisakazweni, kodwa kungaqondi kahle ngendlela ebengifisa ngayo. Yingakho ngathatha isinqumo sokungena kulolu hlelo, ukuze ngizakhele abantu abazongilandela, futhi bathakasele nekhono lami,” kusho yena.
Uthi ufunde lukhulu ngaye ngokuba kulolu hlelo, futhi wakwazi nokuzethemba okuyinto ebihlale njalo imkhathaza.
“Bengiwumuntu ongazethembi kahle, bengishesha ukuzwela, ngizenyeza uma kukhona osho okuthile okubi ngami. Bengimane ngikubone lokhu akushoyo ngami kuyiqiniso, bese ngehlelwa yithemba,” esho.
Uthe kodwa ngokuchitha isikhathi ehleli nabantu abahlukene futhi abaqhamuka ezindaweni ezahlukene, ukwazile ukuthi afunde ukuzethemba futhi aqine, angasheshi ukuzwela.
“Uma uzokhumbula ngesikhathi ngihleli kule ndlu, kunesikhathi lapho ngaze ngakhala khona, uThandeka engiphoxile. Kodwa sengizophuma uBravo B, ungitshele into ebengizozwela ngayo ukube bengisafika, yokuthi angiyena umZulu ngokugcwele.
“Lokho angikuthathanga kabi, ngikwazile ukukwenza kuzifanele nokuthela amanzi emhlane wedada,” kusho yena.
Ubonge bonke abenabo kulolu hlelo, uthi ukwazile ukwakha ubungani nabo futhi unesifiso sokuthi baxhumane noma sebengaphandle.
Uthe ubona uQue noThandeka kuyibona abasethubeni lokunqoba kulolu hlelo. Uthe njengoba esephumile uzimisele ukuthi asheshe adedele ingoma eyodwa, ezokwazi ukumethula kabusha kubantu abebengazi ngomculo wakhe.
“Ngifuna ukuyikhipha kungekudala, iBig Brother isesezingqondweni zabantu, nami ngingakalibaleki kubona,” kusho yena, eveza ukuthi uhlela ukuyikhipha ungakapheli u-Ephreli.