03 | Izindaba

Friday, 12 September 2025

Image

NAMADODA kuvela ukuthi asezokwazi ukushintshela ezibongweni zamakhosikazi awo uma ethanda. Lo mthetho usahlongozwa, kawukaphasiswa.

'Wudoti uqobo lwawo
eyokushintsha
kwendoda, ibize isibongo somfazi'

Bheki Ndlovana

OYISAZI sezamasiko nesintu, uProf Bhedlindaba Velaphi (VVO) Mkhize, uthi wudoti uqobo lwawo ukuthi amadoda ashintshe izibongo zawo uma eseganiwe, abize esenkosikazi.

UMkhize ubephawula emuva kwesinqumo sangoLwesine ekuseni, esikhishwe yiNkantolo yezomthethosisekelo eNingizimu Afrika, sokuthi kumele umthetho ubavumele abesilisa ukuba bashintshe izibongo zabo uma bethanda, bathathe esenkosikazi.

Le nkantolo ithe umthetho osebenzayo njengamanje uyashayisana nomthethosisekelo wezwe ngoba awubaniki abesilisa ilungelo lokuba bazikhethele isibongo abafuna ukusisebenzisa uma sebeganiwe.

Lesi sinqumo sethulwe yiJaji uLeona Theron.

Image

NGUSOLWAZI uBhedlindaba Velaphi (VVO) Mkhize, okuhlabayo ukuthi amadoda athathe izibongo zamakhosikazi.

UMkhize uthi inkinga ekhona eNingizimu Afrika, wukuthi izwe liphethwe ngabantu abangenantshisekelo yokukhulula abantu, kodwa abahlose ukubadicilela phansi.

Uthi kunenkinga yokuthi uhulumeni ohola leli zwe ubulala isintu namasiko abamnyama, ngenhloso yokujabulisa abamhlophe.

Njengamanje umthetho awukuvuni ukuthi amadoda athathe isibongo senkosikazi, kodwa yinkosikazi evumelekile ukushintshela esibongweni sendoda.

Esinqumweni sayo le nkantolo, iyalele iPhalamende ukuba lilungise leli phutha elikulo mthetho, yathi kumele lenze isichibiyelo kuwo noma lishaye umthetho omusha, ukuze kuqinisekiswe ukuthi wonke umuntu unelungelo lokushintshela kwesinye isibongo.

Inkantolo inikeze iPhalamende iminyaka emibili ukuba lilungise lelo phutha.

Emuva kwalokho, amadoda ayobe esekhulu-lekile ukubiza izibongo zamakhosikazi uma ethanda. Lokhu kusho ukuthi emuva kwemi-nyaka emibili kusuka manje, amadoda azoba nelungelo eligcwele lokushintsha izibongo zawo uma eseganiwe.

Esinqumweni sayo le nkantolo, ithe ingxenye yeSigaba 26 soMthetho wokuBhaliswa kokuZalwa noKufa kwaBantu, iyashayisana nomthethosisekelo.

Ithe leyo ngxenye iphambana neSigaba 91, somthethosisekelo.

Le nkantolo ithi leso sigaba siyacwasa ngokobulili, sinyathela ilungelo lowesifazane lokuba indoda yakhe ishintshele esibongweni sakubo kwakhe (owesifazane), nokwehluleka futhi ukunika owesilisa ilungelo lokushintshela esibongweni senkosikazi emuva komshado.

Isimangalo sasifakwe ngabashadile, abebekha-la ngokunyatheleka kwelungelo labo lokukhetha ukushintsha izibongo.

UMnu Henry van der Merwe, wayekhala ngokuvinjelwa yilo mthetho ukushintshela esibongweni senkosikazi yakhe, uJana Jordaan.

NoMnu Andreas Nicolas Bornman, naye  wayekhala esifanayo, efuna ukuthatha isibongo senkosikazi yakhe, uJess Donnelly-Bornman.

0