Izindaba | 03

Friday, 13 June 2025

UQhosha namaqhinga amasha
okukhuphuka emculweni

NGUMCULI  kamaskandi uQhoshangokwenzakwakhe Sibisi,
oseqhamuke nezindlela ezintsha zokuthuthukisa umculo wakhe. 

Mthobisi Sithole

UVULEKE amehlo ngezingqinamba ezimshonise phansi umculi kamaskandi, uQhoshangokwenza- kwakhe Sibisi, njengoba eseqhamuke nezindlela ezintsha zokuthuthukisa umculo wakhe.

Ukusho lokhu ephawula ngezinhlelo zakhe ezintsha zakulo nyaka, zokukhipha umculo. Kwenzeka lokhu nje, sekunesikhathi eside engekho matasa kwezomculo, lokhu okushiye imibuzo kwabaningi.

Utshele
ILANGA Lempelasonto  ukuthi okumlimaze kakhulu wukuthi aziphathele umculo wakhe.
Uthi abanye abaculi basekwe ngabantu abathile emaceleni, abawuqonda kangcono umculo ngokwebhizinisi.

"Selokhu ngaqala umculo, akekho umuntu engisi-zana naye. Ukuzibambela konke, kungilimaze kakhulu. Abaculi abaningi banezimenenja zomculo, mina kangikaze ngibe nayo.

"Umculo usukwelinye izinga manje, kakusefani naseminyakeni edlule. Kubalulekile ukuthi ngisebenzisane nabantu abaliqonda kangcono ibhizinisi. Sengithathe isinqumo sokusebenza namadoda athile," kusho uQhosha.

Image

UQHOSHANGOKWENZAKWAKHE Sibisi uthi kumlimazile ukuziphathela  yonke into emculweni. Uthi akakaze abe nemenenja selokhu engenile kuwo.

Uveze nokusilela emuva kwakhe enkundleni yezokuxhumana i-Tiktok, uthi kungezinye zezinto ezenza ukuba umsebenzi wakhe uhambe kancane.

Uthi eminyakeni edlule, ubeqinise kakhulu amatomu kwiFacebook, kodwa kule minyaka umculo ususabalala kakhulu kule nkundla entsha, egcwele amabhinca.

"Ukujabulela ukuzimela kuyona yonke into, bekuku-hle ngesikhathi kuqala, kodwa kuyangishaya manje. Kuzomele ngigxile kakhulu kwiTik-Tok, ngoba umculo uyasabalala kakhulu kuyona, futhi kutholakala nethuba lokuthi kuxhumaneke kahle nabantu," esho.

Utshele leli phephandaba ukuthi luningi ushintsho kulo nyaka, okubalwa ukungakhiphi kwakhe i-albhamu egcwele. Uthe phakathi kukaNcwaba (August) noMandulo (September) uzokhipha i-Extended Play (EP).

Image

"Abantu kabasenaso nesikhathi sokulalela inqwaba yezingoma. Ngizokhipha i-EP, bese ngikhangisa yona ngezindlela zesimanjemanje ngoba uhlelo lomculo selushintshile kakhulu," kuphetha uQhosha.
mthobisis@ilanganews.co.za

0