03 | Izindaba

Friday, 07 November 2025

Image

 Ulondwe wukuzikhandla nokuhlonipha abalandeli uKelly Khumalo

Uzothula i-albhamu entsha mhla ka-29 Novemba, kanti uhlela nemijikelezo yamakhonsathi omculo

Thandi Zondi

UTHOTSHWA wuthando nenhlonipho kubalandeli bakhe uKelly Khumalo, aveze ukuthi yikhona okumenze wakwazi ukuqeda iminyaka ewu-20 emkhakheni wezikaqedisizungu.

"Ngaphezu kwalokho, nomusa kaNkulunkulu uvumile, kanjalo nokwehluka kwabanye nakho kube nomthelela. Nginenkolelo yokuthi into uma kungeyakho futhi uyiphathisa okwezikhali zamaNtungwa, kayipheli," esho.

Image

Ebuzwa ngakufundile kule minyaka ekwezikaqedisizungu, uthi kubalulekile ukusebenza kanzima.

"Abantu bayakukhohlwa uma ungakukhuthaleli ukuhlezi usemehlweni abo. Okunye engikufundile wukuthi kakusiye wonke umuntu ongumngani wakho kulo mkhakha esikuwona. Kwesinye isikhathi uba ngumngani nomuntu, kanti uncintisana nawe. Nxashana ngibona okusolisayo, ngiyahlehla kumuntu," kuchaza uKelly.

Uthi kuningi aseqhelile kukhona ngenxa yokuba nobizo nokukhula.

Image

Uthi kuningi aseqhelile kukhona ngenxa yokuba nobizo nokukhula.

"Engikuqaphelile wukuthi kunezinto ongeke usakwazi ukuzenza uma sewungene obizweni. Ngingumuntu onesiphiwo sokusefa abantu - okwenza ngisebenze bese ngiyahamba uma kunezinto engisuke sengizidonsile.

"Nakuba kunjalo ngiyazama ukufana nabanye abantu, kangifuni kugcine sekubukeka sengathi ngiphila emhlabeni wami ngedwa," esho.

Le ntokazi isanda kukhipha ingoma esihloko sithi, Nyamezela esebenze kuyona noMondli Ngcobo. Ithi le ngoma ikhuluma ngokunganyakaziseki empilweni.

Image

"Ichaza ngokuthatha amandla ozalwe nawo. Sonke sizalwa sifumbethe, ithi vula leso sandla usebenzise onikwe khona. Ithi jabulela amandla ophiwe wona ngoba uNkulunkulu ukuthembile ngawo," esho.

Mhla ka-29 kuNovemba uKelly uzokube ethula
i-albhamu yakhe esihloko sithi, Rebirth - Ukuzalwa kabusha. Uthi kumthathe iminyaka emibili ukuyihlanganisa.

"Bekungesikho ukuthi ngisayipheka, kodwa bekunezinselelo eziningi ebezikhona. Kangangokuba kuze kwafika esikhathini lapho ngiduba khona, ngithi ngiyayeka, ngezwa ngoMondli Ngcobo esethi isiphothuliwe. Kukho konke lokhu ngifunde ukulalela nokuba nesineke ngoba izinto kwesinye isikhathi kazihambi ngale ndlela osuke ufisa ngayo."

Uthi le albhamu kayikho mayelana nokuzalwa kabusha kuphela, kepha ithinta wonke umuntu. Uyichaza njengakhombise ukukhula kuyo ngayo yonke indlela.

"Kubalulekile ukuhlola imimoya ngaphambi kokusebenza nabantu ngoba kwenza umsebenzi ube lula uma wenza ngaleyo ndlela."

Ebuzwa ngezothando, uthe akufundile kulo mkhakha njengoba ekhula ngokweminyaka, wukuthi impilo yakhe yangasese kufanele kube ngeyakhe kuphela.

"Engikhuluma ngakho wumculo ngoba yiwona owondla mina nezingane zami. Ngisho okuhle engifuna ukukwenza ngiyakufihla, ngimemezele uma sekufike isikhathi ngoba miningi imimoya emibi la ngaphandle," esho.

UKelly uzoba nomjikelezo wamakhonsathi omculo ozoba seThekwini, eGoli naseLimpopo ngezinsuku angakanqumi ngazo.

Image

"Kukho konke lokhu, ngifunde ukulalela nokuba nesineke ngoba izinto kwesinye isikhathi kazihambi ngale ndlela osuke ufisa ngayo."

UKelly uzoba nomjikelezo wamakhonsathi omculo ozoba seThekwini, eGoli naseLimpopo ngezinsuku anganqumi ngazo.

0