03 | Izindaba

Friday, 05 September 2025

Image

NGUMCULI kamaskandi uLethukuthula Mhlongo (24), owaziwa ngoMafikizolo emculweni, odume ngengoma yakhe entsha ethi, "Uyoncengwa uNyoko".

Sekuhlomule nabaswele ngengoma kamaskandi eshisa izikhotha

Mthobisi Sithole

SEKUHLOMULE nabaswele ngengoma edla ubhedu kamaskandi, eshisa izikhotha selokhu iphumile.

Umculi kamaskandi uLethukuthula Mhlongo (24), owaziwa ngoMafikizolo emculweni, odume ngengoma yakhe esihloko sithi, "Uyoncengwa uNyoko" - uthinteke emoyeni ngendlela abantu abayemukele ngayo ingoma yakhe.

Usethathe isinqumo sokulekelela ngomfaniswano wesikole abafundi ababili, baseSingama Primary, eVryheid, abayingxenye yabantu abakhombise ukuyithakasela kakhulu le ngoma, bayixhasa.

Utshele leli phephandaba ukuthi lokhu akwenzayo, kuyingxenye yokubuyisela kwakhe emphakathini, ebantwini abakhombise ukweseka ingoma yakhe.

Uthi ubone laba bafundi bedansela ingoma yakhe, wabe eseya esikoleni abafunda kusona, eyovakasha, okuyilapho efike wabona isimo sabo singagculisi.


"Ngizohambisa umfaniswano wesikole, ngibalekelele ukuze nabo bagqoke kahle njengabanye abantwana. Ngisenzile isethembiso kuthishanhloko. Sengiluhlo-nzile usuku engizoya ngalo.

"Lokhu engikwenzayo kusuka othandweni ngoba nabo abantwana bangesekile ngokubonakala kwabo ezinkundleni zokuxhumana, bephonselana inselelo yomdanso (wale ngoma)," kusho uMafikizolo.

Image

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ukuthandwa kakhulu kuhambe ngendlela abeyilindele. Uthi ngesikhathi eyiqopha, wayevele ebona ukuthi izothakaselwa ukwedlula ezinye.

"Ngikhiphe i-EP (Extended Play) kulezi zingoma ezine ezikhona - yiyona yodwa le ngoma esihlukile isitayela sayo. Mina-ke ngingumuntu othandayo ukwenza umculo ohlukile kwabanye.

"Ngigxila kakhulu kwezothando, ngoba ngiyazi ukuthi abantu abaningi bayathinteka kulona, nakuba engicula ngakho, kuyisimo esisuke sibhekene nami ngqo othandweni.

"Nakuyona le ngoma ethandwayo, ngikhuluma ngesimo sami sentombi yami eyangifonela, ingitshela ukuthi seluphelile uthando, bese ngithi ngeke ngiyincenge," esho.

Le ngoma inenyanga eyodwa iphumile, kodwa isikwazile ukuhlanganisa u-5,9 million wabantu abayilalelayo online, kuYou Tube. Uthi unethemba lokuthi ngempelasonto izobe isiwuhlanganisile u-6 million.

"Sengisalelwe wukuhlukanisa unyaka emisakazweni emikhulu. Isifiso sami wukuthi umculo wami ube semncintiswaneni wokuhlukanisa unyaka," esho.

Le nsizwa edabuka eMnambithi, KwaZulu-Natal, iqale ukungena kwezomculo ngo-2018.

Unyaka nonyaka kubukeka ikhula kwezomculo kamaskandi njengoba ivamisile ukwenza izingoma ezingamanoni athandwa yintsha.

mthobisis@ilanganewss.co.za

0