03 | Izindaba
Friday, 17 October 2025
UMZUKULU ubuyela kwelakubo ngomcimbi wakhe.
Omaskandi emkhankasweni wokufukulana ezintweni ngokuzihlelela imicimbi
Abaculi bathi bebenandisa kodwa bangakhokhelwa emuva komcimbi
Mthobisi Sithole
BASEMKHANKASWENI yokufukulana abaculi bakamaskandi abasungule imicimbi yabo, bethi bagwema ukukhalela abahleli bemicimbi abangasibona abaculi.
Imicimbi emikhulu yabaculi bakamaskandi
YiKhuphuka neZakho sibone inkunzi, ohlelwa nguNgelo V, yiGcwalisa All White Spring Picnic, ehlelwa nguKhuzani, iMthandeni Summer Experience, ehlelwa yiGcokama Elisha, yiGatsheni Music Festival, ehlelwa nguGatsheni, yiSomnandi Music Festival, ehlelwa nguSomnandi, yiNtencane Music Festival, ehlelwa nguNtenance, yiMzukulu Home Coming, ehlelwa nguMzukulu, yiMenzi Home Coming, ehlelwa nguMenzi, neNdoni Saliwa Maskandi Festival, ehlelwa nguNdoni noSaliwa.
NGUMCULI kamaskandi uThokozani Langa, womcimbi iSomnandi Music Festival.
Engxoxweni kaThokozani "Somnandi" Langa
naleli phephandaba, uthi ziningi izinkinga abebebhekana nazo emicimbi-ni abamenywa kuyona, bengayitholi imali emuva kokusebenza. Bathi bebeba nesilonda sokuthi abahleli bayo badla imali ngamagama abaculi.
"Besimenywa emicimbini bese kuthi kweminye sihlangabezane nezinkinga esingaziqondi kahle"
"Yingakho sibone kukuhle ukuba sizibambele into yethu, ukuze nathi sizibonele izingqinamba ezibikwa ngabahleli bemicimbi uma sekufanele sithole inkokhelo.
"Sesibambisene singamaciko, siqale uhlelo lwethu lokwesekana ngendlela yethu. Siyakukhuthaza ukubambisana kwethu ngoba abanye abebesondela emculweni wethu, bebeza ngezinhloso zokusihlakaza," kusho uSomnandi.
Uthi umcimbi wakhe uwuqale endaweni yangakubo oLundi, ngenxa yokuthi udlule ezimweni ezinzima kuyona le ndawo, wayimela ngokomculo wakhe, wayithanda eyiphakamisa.
Umcimbi kaSomnandi uzokuba ngomhla ka-20 ngo-December, oLundi.
NGUMCULI kamaskandi uGatsheni, oqhakambisa ukuzimela ngomcimbi wakhe iGatsheni Music Festival.
Ngakolunye uhlangothi uGatsheni uthe ukungaqashwa ngabahleli bemicimbi, kwakha inzondo kubaculi abayibhekisa kubahleli bayo, yingakho eqhamuke necebo lokuzisungulela owakhe.
Utshele leli phephandaba ukuthi nokuqashwa kwakhe emicimbini ehlukahlukene, kumenze wabona ukuthi abantu bayamdinga, ngakho-ke makenze umcimbi, azimele.
"Ukumenywa kwami kakhulu emicimbini eminingi ezindaweni ezahlukene, kungenze ngabona isidingo sokusungula umcimbi nasendaweni yakithi ngoba beyibukeleka phansi kakhulu, ingenziwa imicimbi.
"Kungilekelelile kakhulu ngoba indawo yakithi isemngceleni. Lokho okwenze ukuba kufike nabantu baseMpumalanga, eSwazini nakwezinye izindawo," kusho uGatsheni.
Uveze ukuthi kuhle ukuzimela kwamaciko noma ngabe ayikho inzuzo.
UMZUKULU uthi umcimbi wakhe ngowokubonga abalandeli bakhe, futhi akhulise namaciko angakubo asazabalaza.
Ngakolunye uhlangothi uMzukulu uthe njengoba umcimbi wakhe ewuqale nyakenye, kungenxa yokuthi ubefuna ukuzibongela emphakathini wangakubo ngokumkhulisa waze wangena endimeni yezobumnandi.
Uthi inhloso enkulu ngowakhe umcimbi wukuthi afukule amaciko angakubo asazabalaza emculweni.
"Nginesifiso sokuyenza imicimbi nakwezinye izindawo. Siyazibambela manje ukuze sizithuthukise, namaciko angakadumi siwanikeza inkundla yokuzikhangisa ngobuciko bawo, kanjalo nosomabhizinisi ngakithi oLundi bahlomule ngokuletha kwami izivakashi ekhaya," esho.
Umcimbi wakhe uzokuba ngomhla ka-25 kuyona le nyanga, oLundi Stadium.
USenzo "Ntencane " Zondi naye osezibambele kwelakubo ngomcimbi wakhe.
UNtencane naye uhambe emazwini afanayo nawozakwabo, wathi ukuzimela kwabo kubalulekile ngoba abalandeli babo bayabathanda.
Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi owakhe umcimbi ufisa ukuveza amakhono amaningi ngawo, okubalwa nokuthi wandulelwe ngezemidlalo yebhola.
Umcimbi wakhe uzokuba ngomhla ka-1 ngo-November, eMerthley Lake, eGreytown.
OkaNdoni Saliwa uzokuba ngoMgqibelo, eDondotha Stadium, eMpangeni.
mthobisis@ilanganews.co.za