Izindaba | 03
Friday, 30 May 2025
Abalandeli bakhe bamxhase ngo-R50 000 wokuqala ibhizinisi lokupheka, baxhasa nendodana yakhe ngo-R26 000 wokuya
kwi-matric dance
NGUNKZ Welile Mchunu osezakhele ugazi kwabaningi ngezinkulumo zakhe ezisabalala ezinkundleni zokuxhumana. Lapha uthathwe nezingane zakhe, uMlando, uMthandeni
no-Asibongwe.
Mthobisi Sithole
KUMAKHELE ugazi nezihlobo ukuklabalasa ezinku-ndleni zokuxhumana uNkz Welile Mchunu (38), kulandela ukulekelelwa kwakhe ngabantu ngemali yokuqala ibhizinisi lokuziphilisa.
UNkz Mchunu uthi nakuba izingane zakhe bezingahambisani nezenzo zakhe, kodwa ekugcineni ziwahoxisile amagama azo, uma zibona elekelelwa wumphakathi.
Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi indodana yakhe endala, uMthandeni Msimango (19), iphawule ngalokhu ngesikhathi abantu beshaya isoso lemali engango-R26 000, wokuthi ibe yingxenye nayo emcimbini weFarewell kamatikuletsheni yohambo oluya eThekwini, yathola nezimpahla zokuswenka.
Uthi isililo sakhe wasiveza ezinkundleni zokuxhumana, base bemeseka abantu
"Abantu baqale ukungikhombisa uthando, beshayela isoso ingane yami ngingazi nokuthi ngizothathani, ngiyihlanganise nani ukuze nayo ihambe nezinye izingane, ithole nezimpahla zokugqoka.
"Kuthe sebeyishayelile isoso kwiTik-Tok, yakukhipha okusenhliziyweni yayo, yathi mama bengibuhlungu uma ngikuzwa 'uklabalasa' ezinkundleni zokuxhu-mana, ekubeni ngingazi ukuthi uzuzani ngalokho, kodwa namhlanje sengibonile ukuthi abafowethu nezihlobo usubathole ngakho lokhu okwenzayo," kusho uWelile.
NGUNKZ Welile Mchunu (38), olekelelwe ngabantu ezinkundleni zokuxhumana ngemali yokuqala ibhizinisi lokuziphilisa.
Uthi njengoba eseshayelwe isoso lemali engango-R50 000, sekugcwaliseke ngokuphindaphindiwe ezinganeni zakhe ukuthi abantu ezinkundleni zokuxhumana bayamthanda.
Uthi bekumphatha kabi naye ukuhlupheka, ecela ebantwini imali ngaso sonke isikhathi, kodwa njengoba esezoqala ibhizinisi esekwa ngabantu, kufezeke iphupho abenalo.
"Ngingumuntu onekhono lokupheka. Kuthe ngolunye usuku ngabona ikhishi eliyinqola edonswayo (mobile) ezinkundleni zokuxhumana, ngase ngiqopha inkulumo (voice note) ngixoxa noMsizi Gumede waseJozini onekhasi lenkundla yezokuxhumana, ngimtshela ukuthi ngiyalithanda leli khishi engilibonile, kodwa kangazi ngingawathathaphi amandla okulithenga.
"UMsizi wathi uzoyifaka le nkulumo yami ezinkundleni, mhlawumbe abantu bazonginikelela. Nokho-ke bengesaba ukuthi ayifake le nkulumo ngoba ngicaba-nga ukuthi abantu bazongithuka, bethi ngihluphekela kubona.
"Namhlanje isibindi sami singisizile ngoba sengiphumile osizini lokuhlupheka, sengizopheka, ngiphilise umndeni wakithi ngenxa yokwesekwa ngabantu," esho.
Uthi uma ekhuluma ezinkundleni zokuxhumana, akusikhona ukuthi usuke eyihlelile inkulumo (Content)- kodwa ukhuluma okufika kuyena ngaleso sikhathi.
Uthe ukusabalala kwezinkulumo zakhe kumkhokhele ngokuthi abantu bamnikelele.
"Mina kangikufihli ukuhlupheka kwami, yingakho amabhinca engishayele isoso," kusho uWelile.
mthobisis@ilanganews.co.za
UNKZ Welile Mchunu uthi akakaze akufihle ukuhlupheka kwakhe, yingakho eshayelwe isoso ngo-R50 000 ukuqala ibhizinisi.