03 | Izindaba

Friday, 21 November 2025

Image

NGUMCULI kamaskandi uMafikizolo.

Uthi kufezeke iphupho, eqokwa emncintiswaneni wengoma ezohlukanisa unyaka oKhozini FM

Mthobisi Sithole

UFISA ukuzenzela idili lomcimbi ukubonga impilo umculi kamaskandi oyisilomo kulezi zinsuku, uMafikizolo.

Uthi kunabantu abamcoshe emgwaqweni ehlala khona, bamqoqa ngesikhathi ebalekele ikhaya ngenxa yezimo abebhekene nazo.

Uthi kusona leso sikhashana, kube nzima ukuthi ashintshe impilo yakhe, yingakho enesifiso esikhulu sokuthi ngelinye ilanga awenze lo mgubho, abonge ukuvelela kwegama lakhe, nalokhu asekuzuzile ngomculo.

"Umculo wami ngisafisa ukhule, ushintshe impilo yami kunalokhu esiyikhona njengamanje. Mina ngabalekela isikole, ngajaha izigingci lezi.
Ngakho-ke umculo ungilekelelile kakhulu" esho. 

UMafikizolo wodumo lwengoma ethi, "Uyoncengwa Unyoko", uthi usamangele namanje ukuthi ezinyangeni ezinhlanu ekhiphe le ngoma, isikwazile ukuhlanganisa u-21 million wabantu abayilalelile online kuYoutube, nabakhombise uphawu lokuyithanda abalinganiselwa ku-200 000.

Uthi nakwezinye izitolo zomculo ezithengisa online, okubalwa kuzona iSpotify, le ngoma yenza kahle kakhulu.

Uyakukhuthaza nakwabanye abaculi abasafufusa ukusebenzisa izinhlaka za-online, ukuzimaketha

"Ngiyabakhuthaza nabanye abaculi abangakaveleli ukuba bazisebenzise kakhulu izinhlaka zokuzikhangisa online, ngoba kuyasebenzeka kuzona.
Ngiyabeluleka ngokuthi mabalisebenzise leli thuba, bazigqamise," echaza.

Lo mculi ubalwa nabaculi abawu-20 abanezingoma ezihamba phambili kulo nyaka emncintiswaneni woKhozi FM, wengoma ezohlukanisa unyaka.

UMafikizolo nguyena kuphela emculweni womaskandi oqokiwe. Utshele
ILANGA Lempelasonto ukuthi ubengakaqali ukukhankasa kakhulu ngoba usalwela ukungena esigabeni sezingoma eziwu-10, ezizoya esigabeni samanqamu.

"Benginovalo kakhulu ngesikhathi uKhozi FM luthi luzozikhethela lona uhlu lwabaculi abawu-20 besigaba sokuqala okumele kuhlungwe kubona abawu-10, abazoya kowamanqamu.

"Okungethuse kakhulu wukuthi bekuzoqokwa idlanzana labantu, kanti iningi yileli elithanda umculo wethu, elinezwi kakhulu ngawo," esho.

Uthi kufezeke izifiso zakhe ngoba wayenalo iphupho lokuthi ngelinye ilanga igama lakhe libalwe namagama asemncintiswaneni wengoma yonyaka.
mthobisis@ilanganews.co.za

0