03 | Izindaba
Friday 29 May 2026
Mthobisi Sithole
KUBHUNTSHE ukuqoshwa kwe-albhamu entsha, umculi kamaskandi, uQhoshangokwenzakwakhe Sibisi, ethola izindaba zokudlula emhlabeni kukayise isigubhukane.
UMnu Mtholeni Sibisi (82) - onguyise walo mculi - ushone ngoLwesithathu, kwabhuntsha zonke izinhlelo zakhe.
Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, uQhosha uthola lezi zindaba nje, ubesendleleni ebheke eGoli, ezoqopha ebusuku ngoLwesithathu.
Utshele leli phephandaba ukuthi kuphazamiseke okuningi, njengoba nokuphuma kwe-albhamu yakhe sekuzolinda kuze kube kuhlanjululwa uyise.
Uveze ukuthi uyise ubehlushwa wukugula, obesekunesikhathi eside kumphatha, kubuye kumyeke.
"Ngokwemibiko yodokotela, ubenomdlavuza wamathumbu. Uhambe ngesikhathi esibi inqondo yami ilungiselela ukukhiphela abathandi bomculo amanoni amasha," kusho uQhosha
Uthe nakuba kunzima ukuhanjelwa ngumzali wakhe, kodwa ukugula kwakhe bekumzwisa ubuhlungu naye (uQhosha).
"Bengizalwa yinsizwa eqinile, ekwaziyo ukubekezelela izimo ezinzima, nezinhlungu. Ubengagugile, futhi benginalo ithemba lokuthi usazophila ngoba iminyaka yakhe ngokwepasi, ibingahambisani nesimo sakhe sokuphila.
"Ubesazihambela, ezenzela konke, engaphathi ngisho ubhoko lokudondolozela, kungabonisi ukuthi usesimweni sokuntshontshwa wukufa noma nini.
"Ngilimele kakhulu ngoba ikhaya yikhaya ngenhloko yomuzi," kusho uQhosha.
Uveze ukuthi uyise - obesegcotshelwe ubufundisi eBuhle BamaChristu Church in Zion - uzofihlwa ngeSonto eMlalazi, eShowe, ngokwenqubo yenkolo yamaZayoni,
"Ngibonga ozakwethu emculweni abangisekile, ngokungiduduza, selokhu kuzwakale izindaba zokudlula emhlabeni kwekhehla elingizalayo," esho.
Uthe okwamanje kuzoba nzima ukubuyela ngokushesha estudiyo eyoqopha, ngoba ingqondo yakhe iphazamisekile ngenxa yokushonelwa nguyise.
mthobisis@ilanganews.co.za