03 | Izindaba
Friday, 02 October 2026
Kulobe: uMthobisi Sithole
Izindaba
Itshitshi elizokwenzelwa indishi, liqokwe ngabalaleli besiteshi...
NguBingelela Mpanza noVusizwe Langa abangabasakazi bohlelo uSigiya Ngengoma, emsakazweni uKhozi FM.
INHLANGANO yamatshitshi incoma iqhaza lomsakazo uKhozi FM ngokulekelelwa kwawo ekuxhasweni ngosizo lwezinsiza zokukhuliswa ngokosiko lwesintu.
UNkz Zamambo Mkhize wenhlangano yezintombi ebizwa ngeNkanyezi Yokusa, uthe lolu hlelo loKhozi balushayela ihlombe ngoba luza noshintsho olubalulekile empilweni yamatshitshi.
Ubekhuluma ngohlelo lwendishi yoKhozi FM, oluzokwenzeka ngoMgqibelo ezindlini zomsakazo eThekwini ohlelweni lukamaskandi, uSigiya Ngengoma olusakazwa nguBingelela Mpanza noVusizwe Langa kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-12.
Uthi kunezintombi eziqhamuka emindenini edonsa kanzima, ezisilela emuva esigabeni sokuthi zikhuliswe ngokwenzelwa umemulo ngoba abazali bengenawo amandla.
NguNkz Zamambo Mkhize
"Yithuba elihle kakhulu leli kodadewethu ngoba abanye babo abanawo amandla emakhaya abazalwa kuwona," kusho uNkz Mkhize.
Ngakolunye uhlangothi uBingelela Mpanza uthe seliqokiwe itshitshi elizoshayelwa iNdishi, wathi lizomenyezelwa ngoMgqibelo. Uthi inhloso yokusungulwa kwendishi wukuthi bafuna ukwenza umnikelo wokusiza amatshitshi aswele athole izipho nemali yokuthi enzelwe umemulo.
Uthi itshitshi elizokwenzelwa indishi, liqokwe ngabalaleli besiteshi. Uthi amatshitshi abebhalela isiteshi echaza usizi lwawo nokuthi kungani kufanele ashayelwe indishi.
"Udaba oluthinte izinhliziyo zabalaleli, yilona olukhethiwe ukuba silekelele umnikazi walo," esho.
Nyakenye kwahlomula amatshitshi amabili, anikezwa izinkomo ezimbili, igilosa kanti imali eyashaywa ingaphezulu kuka-R60 000.
NgoMgqibelo kumenywe amabhinca omdlalo wendishi ukuba abeyingxenye yokweseka lolu hlelo.
mthobisis@ilanganews.co.za