Image

Izindaba | 03

Friday, 09 May 2025

Image

NguKamohelo Bombe ongumethuli wohlelo iVimba, olutshengiswa kwiMoja Love.

Amaphoyisa "axwayiswe" ngezinhlelo zeMoja Love

Kuzobhekisiswa ubuqiniso besitatimende

Abesiteshi bathi bayawadinga amaphoyisa ukuze ithimba labo liphephe uma liya emiphakathini 

Lucky Cain

AKUCACI ngesitatimende okuvela ukuthi siqhamuka emaphoyiseni, esixwayisa amaphoyisa ukuba aziqhelelanise nokusebenzisana nezinhlelo zikamabonakude ezikhonjiswa kwiMoja Love, iSizok'thola neVimba.

ILANGA Lempelasonto libone isitatimende
esine-logo yamaphoyisa, okuvela ukuthi sisayindwe umphathi wesiteshi saseBoksburg North, uColonel MM Mngomezulu ngomhla ka-30 ku-Ephreli 2025.

 Lesi sitatimende sithi sekufinyelele kuKhomishana  ukuthi lezi zinhlelo ziya eziteshini zamaphoyisa ziyocela ukuphelezelwa uma ziyoqopha izinhlelo zazo zikamabonakude. Siyakucacisa futhi ukuthi awekho amaphoyisa avumelekile ukuphelezela ithimba lalezi zinhlelo noma ngabe kungaphansi kwayiphi imigomo.

Image

NguXolani Khumalo ongumethuli wohlelo iSizokthola, olutshengiswa kwiMoja Love.

 "Uma ithimba lalezi zinhlelo lifika eziteshini zamaphoyisa licela ukuphelezelwa, kumele kuxhunyanwe nomphathi siteshi nomphathi wesifunda samaphoyisa ngokushesha," kubhala lesi sitatimende.

Siqhuba ngokuxwayisa ukuthi uma kunamaphoyisa ahlulekayo wukulandela lo myalelo, azothathelwa izinyathelo ezinqala.

Okhulumela iMoja Love uNonzwakazi Cekete uthe basitholile lesi sitatimende, kodwa ngeke bakuqinisekise ukuthi sisemthethweni okwamanje njengoba besathinte abameli babo ukuba baqinisekise namaphoyisa ngaso.

Uthe izinhlelo zabo zithinta ngqo okwenzeka emphakathini kanti kwesinye isikhathi zivundulula nezinto ezithinta nokwephulwa komthetho, okuyilapho amaphoyisa edingeka khona.

Uchaze uhlelo lwabo olubizwa ngokuthi Sizok'thola njengoluvundulula izidakamizwa nabathengisi bazo emphakathini, ngakho kumqoka ukuba babambisane namaphoyisa uma beqopha iziqephu zalo.

"Kanjalo neVimba nayo igxila kulabo abathengisa noma abafaka izimpahla zomkokotela ezweni, nokugcina kumbula osopolitiki izinqa ngokungayenzi imisebenzi yabo ukuvikela leli lizwe."

~Nonzwakazi Cekete

Uthi kumqoka ukuthi njalo uma beqopha iziqephu zalezi zinhlelo, babambisane namaphoyisa ngaso sonke isikhathi.

"Siyakholelwa ekubambisaneni namaphoyisa nazo zonke izinhlaka zezokuvikela nokuphepha ukuqinisekisa ukuthi ithimba lethu lingangeni ebungozini, futhi lingatholi ukwesatshiswa okungase kulifake engcupheni, kugcine kuphuma umphefumulo," kuphetha uNonzwakazi.

Uthe bazolinda ukuthola ubuqiniso balesi sitatimende ngaphambi kokuthatha isinqumo ngokuzokwenzeka ngalezi zinhlelo ukuya phambili.

Image

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlenda Mathe ucele ukuthunyelelwa imibuzo nesitatimende kuWhatsApp, kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli nakuba ethunyelelwe abekucelile.

0