02 | Izindaba 

Friday, 11  September 2026

Ezifingqiwe

Image

Kwehlukene imibono ngokwenyuswa kwemiholo yezikhulu zikaMasipala eThekwini

KUHLUKENE imibono ngesinqumo somkhandlu kaMasipala weTheku, sokunyuswa kwamaholo ezikhulu zalo masipala ngo-R3,1 million.

Lokhu kuthiwa kwenzeke emhlanga- nweni walo mkhandlu ngeledlule, lapho umkhandlu uvotele khona ukuthi lezi zikhulu, okubalwa kuzo imenenja yedolobha nabaqondisi beminyango yalo, bakhushulelwe imali.

Kuthiwa amakhansela awu-150 avotele ukuthi ikhushulwe imali yalezi zikhulu, awu-51 avotela ukuthi aphikisana nalokhu, kwathi awu-19 angavota. 

Lokhu kakwehlanga kahle kwi-DA ne-ActionSA, njengoba bethi bekungafanele lawa mahholo anyuswe kangaka.

Ezinkundleni zokuxhumana abahlala kuleli dolobha, bebekhala ngokuthi  le mali ibingenza omkhulu umehluko ezinkingeni ezibhekene nalo mkhandlu.

Image

YISIBOSHWA eseqile, u-Edward  Madiba.

Kumiswe izisebenzi zomnyango "ezeqise" isiboshwa

UMNYANGO wezokuHlunyeleliswa kweziMilo kuzwelonke, uqinisekise ukumiswa kwezisebenzi zomnyango eziwu-8, okuthiwa zinesandla ekweqeni kwesiboshwa u-Edward Madiba, ebesidonsa isigwebo seminyaka ewu-20, ngecala lokubamba inkunzi.

Lokhu kuqinisekiswe wuMkhuzi woJele kuzwelonke, uMnu Samuel Thobakgale, ngoLwesine.

Uthi lesi siboshwa sibanjwe engakapheli amahora awu-72, njengoba kuvele izindaba zokweqa kwaso ngeSonto ntambama, lapho esasika khona isango legumbi ebesivalelwe kulo ejele lase-Rooigrond Maximum Correctional Centre, eNorth West, sabaleka.

UThobakgale uthi lesi siboshwa sibanjwe sase siyogcinwa eKgosi Mampuru, ePretoria.



Image

NGUNKK Nosiviwe Mapisa-Nqakula, obhekene noxhaxha lwamacala enkohlakalo.

Liyoqhubeka nokuqulwa ngelizayo elikaNkk
Mapisa-Nqakula

LIZOQHUBEKA nokuqulwa ngesonto elizayo, icala elibhekene nowayengu- somlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, obhekene noxhaxha lwamacala enkohlakalo, okuthiwa wawenza esengungqongqo-she wezokuvikela.

UNkk Mapisa-Nqakula bekulindekele ukuba ayoqhubeka nokwethula ubufakazi bakhe kuleli cala, wagcina engafikanga enkantolo.

Ummeli wakhe utshele inkantolo ukuthi ikilayenti lakhe kaliphilile, liyothola usizo lwezempilo.

Ukungaphili kukaNkk Mapisa-Nqakula, bekulokhu kuvela ngesikhathi kuqulwa icala, njengoba ngoLwesithathu kwaze kwaphoqa ukuthi liguqe izikhawu. 

Ebufakazini abethulile, uveze ukuthi akawazi wonke lawa macala abekwe wona. Uthi yonke imali ayeyisebenzisa ngeyayiphuma emholweni wakhe, owomyeni wakhe nochatha ayewuthola uma ehambele amazwe aphesheya.

Image

Ubanjwe eMsinga owesifazane osolwa ngokuthinteka ekufeni kukaDJ Warras

UBANJWE ebhace eMsinga owesifazane oyanyaniswa necala lokufa kukaWarrick ‘DJ Warras’ Stock, owadutshulwa wabulawa eGoli ngonyaka owedlule.

UHlengiwe Goodness Buthelezi (40),  amaphoyisa akhipha isithombe sakhe, nemininingwane yakhe,  ecela ukufuniswa yena.

UNkz Buthelezi, ungowesithathu ukuboshwa kuleli cala, njengoba kwaboshwa okuthiwa uyisoka lakhe elingungqondongqondo ekubulaweni kukaDJ Warras, uMnu Victor Majola noJoaquim Armando Pacula, owavuma icala, wagwetshwa iminyaka ewu-25.

Ngesikhathi kuboshwa uMajola, kwatholakala ubufakazi obufaka lona wesifazane kuleli cala.

0