02 | Izindaba 

Friday, 23 October 2026

Ezifingqiwe

Kubulawe owokufika enkabeni yeTheku 

Image

IQULU labantu, ababalelwa ku-50, abebebhikisha enkabeni yedolobha iTheku, ngoLwesine, ekuseni, basolwa ngokubulala owokufika kuleli, abamthole emgwaqweni.

Ngokwamakhamera, kuvezwa abakuleli bebhikisha kuPixley kaSeme (West) Street, bebheke kuMargaret Mncadi Street (Esplanade), ngesikhathi bebona lona wokufika emile.

Kuvela sebemdumela lona wokufika, bemshaya, yize eselele phansi. Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi lona wokufika ushonile, athi asaphenya.


Uvele enkantolo osolwa ngokuqola
abawina eCasino


USIPHOSETHU Ndovela (29), uvele eNkantolo yeMantshi yasePinetown, ngoLwesine, ebhekene necala lokukhomba ngesibhamu, izithandani nomngani wazo, ebaqola imali ababeyiwine eCasino.

Inkantolo itshelwe ukuthi ngomhla ka- 21
ku-August, izithandani nomngani wazo, babephuma eSibaya Casino, ngo-11 ebusuku, sebewine imali beqeda ukugembula.

I-VW POLO, yabavimba sebengena emzini wabo, ePinetown, kwehla abantu ababili, babakhomba ngezibhamu, bathatha imali. IPolo, kugcine kutholakele ukuthi ngekaNdovela.


Ziyavalwa izicelo zeNSFAS ekupheleni kwenyanga

UMNQAMULAJUQU wokufaka izicelo zokuxhaswa yiNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), ungomhla ka-31 ku-October. 

Bawu-868 000, asebefake izicelo kuze kube manje. Kuthiwa abanye bangaqala ukufaka izicelo.
U-70% wabazifakile ngabesifazane, kuthi u-30%, kube ngabesilisa.

Kwabawu-653 778 wabazifakile, ngabaphila ngezibonelelo zikahulumeni.


Owayengumengameli uvele kwiKhomishini kaKampempe

Image

OWAYENGUMENGAMELI waseNingizimu Afrika, uMnu Thabo Mbeki (osesithombeni), uvele kwiKhomishini kaJudge Sisi Kampepe kuleli sonto.

Ephendula uMnu Lukhanyo Calata, oyindo-dana kaFort Calata, owabulawa wuhulumeni wobandlululo, ukuthi kungani abakhonjwa ngenjumbane  yiKhomishini yamaQiniso nokuBuyisana (TRC), bengashushiswanga,
uMbeki uphendule wathi kwaba yiphutha loPhiko lwezokuShushisa kuleli zwe (iNational Procecuting Authority), olwaba budedengu. 

0