Izindaba | 02

Friday, 23 May 2025

Ezifingqiwe


01


Kwehlukene imibono ngohambo lwaseMelika lukamengameli nethimba lakhe

Image

ABANTU ezinkundleni zokuxhumana basalokhu begalele njalo, bephawula ngohambo lukaMengameli Cyril Ramaphosa nethimba lakhe, njengoba behlangane noMengameli waseMelika, uMnu Donald Trump, ngoLwesithathu ebusuku.

URamaphosa unconywa ngokuthi akaphakanyelwanga wumoya ngesikhathi uTrump "emfaka umunwe esweni", emtshela ukuthi uthule ekubeni amaBhunu ebulawa, futhi ethathelwa umhlaba wawo eNingizimu Afrika.

UTrump, ngesikhathi behlangene, ukhiphe iziqephu zamaphephandaba athi zinezindaba zokubulawa kwamabhunu eNingizimu Afrika.

Ubuye wabuza URamaphosa, ukuthi uyekelani ukubopha uMnu Julius Malema, ovame ukucula iculo elisusa umsindo elithi "Dubul'ibhunu".

Abanye bathe uRamaphosa bekufanele atshele uTrump ngamabhunu abulala abantu eLimpopo, abafake emahhokweni ezingulube.


02


Image

Kunconywa injinga uRupert 'ngokumela iqiniso' eMelika

KUNCONYWA injinga uMnu Johann Rupert, ngokuphika ukuthi kunomkhankaso wokushabalalisa amaBhunu eNingizimu Afrika.

URupert, ubesethimbeni likaMengameli Cyril Ramaphosa elihlangane noMengameli Donad Trump waseMelika.

Ethimbeni likaRamaphosa bekukhona ongqongqoshe abane, okungoMnu Ronald Lamola, weziNdaba zamaZwe aNgaphandle nobuDlelwane Nawo, nguMnu Parks Tau, wamaBhizinisi asaFufusa, nguNkz Khumbudzo Tshavheni, onguNgqonqgoshe eHhovisini likaMengameli, noMnu John Steenhuien, wezoLimo.

Ekhuluma nabezindaba ngoMsombuluko ebusuku, uSteenhuizen, uthe uyoncengela abalimi ngoba bashayeka ngesikhathi intela ekhokhwa uma kukhishwa imikhiqizo wakuleli iya eMelika (tarrifs) yenyuswa. UMengameli uchaze uhambo lwabo njengolube yimpumelelo.


03


Ibhodla umlilo i-EFF ngoMusk

Image

NGUMHOLI we-EFF uMnu Julius Malema.

I-ECONOMIC Freedom Figters (EFF) ithi uhambo lukaMengameli uCyril Ramaphosa, nethimba lakhe lwaseMelika, bekuhloswe ukuthi kuyohletshwa ngomholi wayo uMnu Julius Malema, futhi kwehliswe nesithunzi sakhe.

Ithe ngeke iphele amandla, futhi ngeke iguquke ekutheni umhlaba mawubuyiselwe kubantu abamnyama, okuyibona abanikazi bomhlaba bangempela.

Isitatimende se-EFF, sithe izinkampani zika-Elon Musk zobuchwepheshe mazingalinge zilubeke kuleli, ngoba kunjena nje, kungenxa yakhe, nguye ohambe wayokhuluma kabi ngeNingizimu Afrika, eMelika.

URamaphosa noMnu Johan Rupert bahlanganile noMusk njengoba bebeseMelika, bamqinisekisa ukuthi angabuya azoqhuba amabhizinisi akhe eNingizimu Afrika, uvikelekile.

Emhlanganweni noMengameli wakuleliya lizwe uMnu Donald Trump, Kudlalwe i-video eyaqoshwa eralini ye-EFF, umholi wayo uJulius Malema ecula izingoma zomzabalazo zakudala, ezazikhuthaza ukubulala amaBhunu.


04


Ingebhe kwenyuswa intela kadizili nekaphethiloli

Image

UNGQONGQOSHE wezeMali uMnu Enock Godongwana uthi intela yeValue Added Tax (VAT) ngeke isenyuswa, kodwa wathi intela yowoyela abambiwa phansi (fuel levy), izokwenyuka.

Osomnotho bathi lokhu kuzoba nomthelela ekwenyukeni kwentengo yokudla nemali yokugibela amatekisi, namabhasi, abantu abahlwempu abaphephela kukho.

UGodongwana uthe imali eyisibonelelo sabangasebenzi ewu-R370, izoqhubeka. Amaqembu asePhalamende athe isabelo-mali esethulwe ngoLwesithathu sibe ngcono, saletha ithemba, yize noma iMK Party, ithi uGodongwana makakhishwe esikhundleni ngoba siyamehlula.

UGodogwana uvumile ukuthi ukuhlela kabusha lesi sabelomali nokusethula, kube ngumqansa futhi bekudinga isineke nobuchule.

0