02 | Izindaba

Friday, 13 March 2026

Ezifingqiwe


01


UDkt Nkabane kwesokuba yiPhini likaSotswebhu

Image

I-ANC iqoke owayengungqongqoshe uDkt Nobuhle Nkabane (osesithombeni esingenhla), esikhundleni sokuba iPhini likaSotswebhu ePhalamende likazwelonke.

UDkt Nkabane owakhishwa esikhundleni sokuba ngungqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uza nesipiliyoni kulesi sikhundla njengoba eke waba yilungu lekhabhinethi kahulumeni kusukela ngoJuly 2024 kuya ku-July 2025.

Isitatimende saleli qembu, simncomile uDkt Nkabane ngokuba yilungu elithembekile laleli qembu, futhi elinolwazi olunzulu lwezepolitiki.

Sithi ukuqokwa kukaDkt Nkabane kuyimizamo yokuqinisa ukusebenza kwaleli qembu ePhalamende, njengoba libhekene nezingqinamba ngaphansi kukahulumeni wenhlanganisela (GNU).

UDkt Nkabane wakhishwa kulesi sikhundla emuva kokwehluleka wukusebenzisa amandla akhe ngendlela efanele, ngesikhathi kuqokwa amabhodi ama-SETA, asebenza ngaphansi kwalo mnyango.


02


Kubuyisa ithemba ukuzimela kophiko lwabashushisi kwezemali

Image

UTHEMBISE ukuthi sekusemome ukuthi uphiko lwabaShushisi kuleli, lukwazi ukuzimela ngasohlangothini lwezemali, uMqondisi osanda kuqokwa kulolu phiko, u-Adv Andy Mothibi.

UMothibi ubekhuluma okokuqala emphakathini, kusukela eqokwe kulesi sikhundla ngoJanuary nonyaka.

Uthe imizamo yokuqinisekisa ukuzimela kwalolu phiko isiyaphothulwa. Uthe umqulu oqinisa ukusebenza ngokuzimela kwalolu phiko, uzokwethulwa ngokusemthethweni ngonyaka wezimali olandelayo.

Uthi ihhovisi likangqongqoshe noMnyango wezoBulungiswa nokuThuthukiswa komthethosisekelo, bazibophezele ukuhlahla indlela yokushintsha umthetho wokusebenza kwalolu phiko, futhi lube nesikhundla esiqondile sozobhekelela ukusebenza kwaso kwansuku zonke.


03


Kuboshwe uSihlalo wesiFunda, weMK Party

Image

AMAPHOYISA aqinisekisa ukuboshwa kukaSihlalo weMK Party, ngaphansi kwesifunda iLembe, uMnu Basil Ntuli (osesithombeni esingenhla).

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa, uPriya Nunkumar, owesilisa oneminyaka ewu-51 ubudala, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngemuva kwezinsolo zokuzama ukubulala.

Kubikwa ukuthi uNtuli ovele ngoLwesibili eNkantolo yeMantshi yaseNyoni, ubhekene naleli cala, kulandela umbango womndeni ngodaba lomhlaba.

Kubikwa ukuthi leli cala lenzeka ngoSeptember wonyaka owedlule, ngemuva kokuba umfowabo, ehlaselwe ngabantu, bamdubula onyaweni.


           04


Image

Baphume ngesamagundwane, bexakwe yiphunga elizwakale njengele-gas

Kusuke isidumo esikoleni samabanga aphakeme eThekwini, eMbilo Secondary, abafundi nothisha bekhishwa ngesamagundane, kulandela iphunga elingaqondakali, obekusolwa ukuthi ngele-gas.

Abezimo eziphuthumayo nabezinhlaka zezokuphepha, baphuthume kulesi sikole, njengoba bese kunabafundi abese behluleka nawukuphefumula ngenxa yaleli phunga.

Kubikwa ukuthi ngesikhathi befika abezimo eziphuthumayo, besisibi isimo kwabanye babafundi ababalelwa ku-20, nothisha oyedwa.

Kubikwa ukuthi laba bebehluleka wukuphefumula, becinana nasesifubeni.

UGarrith Jamieson, ucashunwe emithonjeni yabezindaba ethi bazamile ukuhlenga isimo salaba, kwathi abanye ababalelwa ku-6 kuya ku-8, badluliselwa ezibhedlela eziseduze ukuze bathole ukuxilongwa.

Ngesikhathi sokuloba bekungacaci ukuthi iphunga bekungelamakhemikhali e-gas anobungozi yini, njengoba uphenyo belusaqhubeka.


0