02 | Izindaba

Friday, 19 June 2026

Ezifingqiwe

Image

NGUNKZ Rebecca Phala, okhulumela iSantaco, okhuthaza ababhikishi ukuba bangaziphazamisi izithuthi ezingamatekisi.

I-Santaco ixwayisa ababhikishela ukuxosha abokufika

INHLANGANO  yamatekisi kuleli iSouth African National Taxi Council (Santaco), ixwayise abaqhuba imibhikisho yokuxosha abokufika abakuleli ngokungemthetho, ngokuthi bangalinge baphazamise ukuhamba kwamatekisi.

Lokhu kuvezwe ngumkhulumeli wale nhlangano, uNkz Rebecca Phala, othi nakuba bengamelene nale mibhikisho, kodwa kabafisi ukuthi umsebenzi wabo uphazamiseke.

UNkz Phala uthi iSantaco ikholwa wukuthi le mibhikisho kumele ibe nokuthula, ingaphazamisi ukusebenza kwezakhamizi zakuleli. Uthi ukwanda kwale mibhikisho sekuyezwela kwamanye amalungu angaphansi kweSantaco.

"Kunozakwethu abasebenzela emazweni angaphandle, okungasasebenzeki kahle kuwo, ngenxa yale mibhikisho. Siyakuqonda ukuthi izakhamizi zakuleli zinezikhalo, kodwa sifisa zizizwakalise ngokulandela umthetho," esho.


Image

Kukhuthazwe uThoko Didiza ukuchitha isicelo sikaRamaphosa ngolwePhala Phala

LILULEKWE yithimba lezomthetho ePhalamende ngokuthi liyiphikise imizamo kaMengameli uMnu Cyril Ramaphosa,  yokuvimba ukusebenza kwalo ikomidi lePhalamende eliphenya kabanzi ngodaba lwasePhala Phala.

Lokhu kuvele ngoLwesine ngesikhathi leli thimba lihlangene namalungu aleli komidi, kulandela amaphepha afakwa eNkantolo eNkulu yaseKapa.

Kula maphepha, uRamaphosa ucela inkantolo ukuba ibuyekeze isinqumo sabaphenyi abazimele, esathi kumele aphendule ngokutholakala nokungalandelwa kwemigudu efanele ngemuva kokulahleka kwemali engamadola aseMelika, eyatholakala epulazini lakhe, iPhala Phala.

Umengameli wakuveza ukuthi uzokumisa ngenkantolo ukusebenza kwaleli komidi, uma liqhubeka nokusebenza singakaphothulwa isicelo sokubuyekezwa kwesinqumo yinkantolo ephakeme.

NgoLwesine ithimba lezomthetho ePhalamende liluleke usomlomo wePhalamende, uNkk Thoko Didiza (osesithombeni esingenhla), namalungu aleli komidi, ngokuthi asiphikise lesi sicelo sikaRamaphosa, baqhubeke nokwenza umsebenzi wabo.


Umphakathi uqwashiswa ngamaqola
enza izikhangiso mbumbulu zemisebenzi yasemaphoyiseni

KWEXWAYISA umphakathi ngesikhangiso mbumbulu sakwaSouth African Police Service (SAPS), esimayelana nokuqeqeshwa kwamaphoyisa esisabalele ezinkundleni zokuxhumana.

Amaphoyisa anxusa umphakathi ukuba uyeke ukusabalalisa lesi sikhangiso, ngoba kasikho emthethweni, futhi singagcina senze kube khona abaqolwayo.

AbakwaSAPS bagcizelela ukuthi zonke izikhala zomsebenzi bazikhangisa kwi-website yabo
ethi, saps.gov.za noma ezinhlakeni zabo zezokuxhumana.

Baphinde bakhumbuza umphakathi ukuthi izikhala zomsebenzi kazikhokhelwa.

"Uma kunesicelo semali, leso sikhangiso ngesokuqola, kumele sibikwe. Sinxusa umphakathi ukuba uqaphele, uthembele kwezokuxhumana ezigunyaziwe zakwaSAPS," kuchaza isitatimende.


Baqhinqe ngaphandle kwamahhovisi  abameli, bekhala ngezimo abasebenza phansi kwazo

BAGCWALE ngaphandle kwePhalamende nangaphandle kwehhovisi likangqongqoshe wezobulungiswa ngoLwesithathu noLwesine, bezwakalisa izikhalo zabo abameli abangaphansi kwe-Legal Aid South Africa.

Phakathi kwalezi zikhalo, babalule ukungagcwa-liswa kwezikhala zabameli, amaholo amancane nesicelo sokuthi kubuyekezwe iminyaka yokuvumeleka ukuthatha impesheni, ibe wu-65 njengeyezinye izisebenzi zikahulumeni.

Ngokusho kweSekela likaNobhala we-Salawu, uMnu Khayalethu Sibeko, uthi izimo abasebenza phansi kwazo kazizihle. Uthi sekukaningi bekhala, kodwa izikhalo zabo zingezwakali.

USibeko uthi ukungagcwaliswa kwezikhala zabameli kwandisa umsebenzi emalungeni abo, njengoba kwesinye isikhathi ummeli ngamunye ebhekana namacala angaphezulu kuka-15 ngosuku.

I-Legal Aid ithi iyazi ngale mibhikisho, kodwa yaqinisekisa ukuthi ukusebenza ezinkantolo kakuphazamisekanga.


Kuboshwe abawu-7 abebetapa ezitolo zabokufika

KUBOSHWE abantu abawu-7, ngemuva kokuba bengenele izitolo zabokufika eThembalihle, ngase-Vrede.

Kuthiwa lokhu kudalwe wukuthi ingane ithenge ama-chips esitolo sowokufika, yabe isikhala ngokungazizwa kahle, okuholele ekutheni umphakathi ugcine usuzithathele umthetho.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa akuleya ndawo, uWarrant officer Mmako Mophiry, uthe kuboshwe abantu ngenxa yokutapa impahla ezitolo zabofika.

"Kuphinde kwalinyazwa nezimoto zikahulumeni ezimbili. Akugcinanga lapho, njengoba kulinyazwe kanzima nomqaphi ozimele, obezama ukusiza," esho.

0