02 | Izindaba
Friday, 24 July 2026
Ezifingqiwe
NGUMNU Cameron Dugmore oyilungu le-ANC ePhalamende.
I-ANC ifuna ikomidi lesikhashana i-Impeachment Committee, eliphenya udaba lokutholakala kwemali engamadola aseMelika epulazini likaMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa, iPhala Phala, liqale licubungule, liphenye ngokugqekezwa kwaleli pulazi nokulahleka kwemali ngaphambi kokuba liqale ukubiza ofakazi.
Lokhu kuvezwe yilungu le-ANC ePhalamende, uMnu Cameron Dugmore, othi iqembu liphakamisa ukuthi leli komidi liqale libhekisise ukugqekezwa kwaleli pulazi, libuke nombiko wabaphenyi abazimele ophonselwe inselelo enkantolo nguRamaphosa, bese libuka imibiko owakwaSARS nowoMvikeli woMphakathi, eyathola uRamaphosa emsulwa.
Amaqembu ezombusazwe akuphikisile lokhu, athi afuna uRamaphosa uqobo ayophendula kuleli komidi.
UMNYANGO wezobuDlelwano namaZwe oMhlaba, uqinisekise eyobudlelwano obuhle namanye amazwe ase-Afrika.
Lokhu kulandela ukukhathazeka kwenhlangano ebhekelele ezomnotho emazweni ase-West Africa, i-Economic Community of West African States, ebifisa ukucaciseleka ngezinsolo zodlame olubhekiswe kwabokufika abakuleli.
Lo mnyango uthi lezi zinsolo kazilona iqiniso njengoba elakuleli liyilandela yonke imithetho, futhi lisebenzisana namanye amazwe ukulwa nezinkinga ezithinta abokufika.
UNgqongqoshe walo mnyango uMnu Ronald Lamola (osesithombeni esingenhla), uthi ngesikhathi beqhubeka bexoxa namazwe asenhla ne-Afrika, ikakhulukazi iGhana
neNigeria, bathole ukuthi iningi labokufika elikuleli ngokungemthetho liqhamuka emazweni angaphansi kwe-SADC, hhayi enhla nezwekazi.
Uphakamise ukuba udaba lwabokufika lubekwe eqhulwini emhlanganweni olandelayo we-AU, ukuze kutholakale isixazululo.
ULamola uthi ichithiwe imizamo yezakhamizi ezimbili zaseGhana, ebezimangalele elakuleli enkantolo yomhlaba, i-International Criminal Court, ngezizathu zokuthi ubufakazi babo abenele ukuthi bungadingidwa yile nkantolo.
ISIFUNDAZWE iKwaZulu-Natal, sisaqhubeka nokuhamba phambili ebantwini baseNingizimu Afrika abathola imali yesibonelelo sikahulumeni.
Lokhu kuvezwe yiSouth African Social Security Agency (SASSA), ngesikhathi ikhipha umbiko wayo wakamuva.
Ngokusho kwabeSASSA, babalelwa ku-4.2 million abantu bakulesi sifundazwe abathola lesi sibonelelo.
ISASSA ithe abathola isibonelelo sezingane bawu-2.8 million, abathola eyokunakekela labo abaphila nokukhubazeka bawu-43 227, abathola eyezaguga bawu-826 712, abathola eyokukhubazeka bawu-226 589, kuthi abathola eyokubhekelela izingane bawu-29 203.
Ngokusho kwabakwaSASSA, isibalo sabahola le mali sesicishe siphindeke kabili kule minyaka eyishumi eyedlule, njengoba ngo-2006 babewu-10 million abathola le mali njengoba sebefinyele-le ku-19 million ngo-2026.
USIHLALO wekomiti lakwaTrading Services kuMasipala weTheku, uMnu Mdu Nkosi, uthi bajabule ngomhlangano obuphakathi kwabo nosonkontileka abakhala ngokungakhokhelwa, okwenza bathathe isinqumo sokuya esitelekeni bese kuphazamiseka ukulethwa kwamanzi emphakathini.
Umhlangano ubuseGreenwood Park Hall, eThekwini. Kulo mhlangano iMeya uMnu Cyril Xaba (osesithombeni esingenhla), ithe izobe isinazo izimpendulo ngeSonto ngokunga- khokhelwa kosonkontileka, futhi ifuna nokuqeda izipoki njengoba kukhona izinkampani okuthiwa ziyakhokhelwa, kodwa ungekho umsebenzi eziwenzela umasipala.