Izindaba | 02

Friday, 04 July 2025

Ezifingqiwe

Image

UHlabisa uzomemezela ukwabiwa kwemali yesibonelelo senhlekelele yezikhukhula

NGOMSOMBULUKO uMnu Velenkosini Hlabisa (osesithombeni), uzomemezela ukwabiwa kwesibonelelo soxhaso lwenhlekelele yezikhukhula, oluzotholwa yizifundazwe nomasipala abakhahlanyezwe yizikhukhula zakamuva.

Lesi sibonelelo senzelwe ukulekelela izindawo ezikhahlamezekile kulezi zikhukhula. Isifundazwe i-Eastern Cape, siseqhulwini njengoba sisanda kwehlelwa yinhlekelele yezikhukhula lapho kubhubhe khona abantu abangaphezulu kuka-100.


Image

Banelungelo lokuthola usizo lwezempilo abokufika abahleli ngokungemthetho eMzansi

IYAQHUBEKA nokuba sematheni indaba yabokufika abahleli eNingizimu Afrika ngokungemthetho, okukhalwa ngokuthi badala ingcindezi ezikhungweni zezempilo kuleli.

Ikhomishini yamalungelo abantu, iSouth African Human Rights Commission (SAHRC), isicasule abaningi ngesitatimende sayo, lapho iphawule khona yathi labo bantu abakuleli ngokungemthetho, nabo banelungelo lokwelashwa ezikhungweni zezempilo kuleli.

I-SAHRC iphawule ngemuva kwemikhankaso ye-Operation Dudula, yokuvimbela abokufika ukuba bangangeni ezikhungweni zempilo, eGoli naseThekwini, nakwezinye izindawo.
Le khomishini igcizelele ukuthi ukuvinjelwa kwabantu akukho emthethweni.

Ithe akukho nhlangano yomphakathi enelungelo lokuyoma ezikhungweni zempilo, ihlunge okumele bangene nokumele bangangeni.

Iqhube yathi umthethosisekelo weNingizimu Afrika kawubacwasi abokufika abadinga usizo lwezempilo - ithi kumele abadinga usizo lwezempilo oluphuthumayo bahlinzekwe ngalo ngokungenambandela, ezikhungweni zempilo zikahulumeni kanye nasezikhungweni ezizimele.


Image

Kuphakanyiswa iJaji uDustan Mlambo kwesephini likamengameli wamajaji ezweni

KUBHEKWE ukuba kuqokwe iJaji uDunstan Mlambo (osesithombeni), oyiNhloko yamaJaji eGauteng njengamanje, esikhundleni sePhini leNhloko yamaJaji eNingizimu Afrika.

Kuleli sonto iJudicial Service Commission (JSC), iqale umshikashika wokuthungatha ozongena kulesi sikhundla esavuleka ngesikhathi iJaji uMandisa Maya obesiphethe, ekhushu-lelwa kwesokuba nguMengameli wamaJaji, ngesikhathi iJaji uRaymond Zondo, lithatha umhlalaphansi.

Emuva kwenhlolokhono, iJSC iphakamise ukuba kungene yena uJaji Mlambo kulesi sikhundla. UMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa, nguyena ozothatha isinqumo sokugcina.


Siyaqhubeka isiteleka sezisebenzi eMhlathuze

KUSHUBE isimo kuMasipala waseMhlathuze, waseRichards Bay njengoba siqhubeka isiteleka sezisebenzi zalo masipala ezingamalungu eSouth African Municipal Workers Union (SAMWU).

Kuke kwaba nemibiko ethi, ngoLwesithathu lezi zisebenzi ezisesitelekeni, zihlasele lezo ezisemsebenzini, kodwa iSAMWU iyakuchitha lokhu, ithi kungama-mpunge.

Kunesisisebenzi esisophikweni lokuqoqwa kwemfucuza okubikwa ukuthi size sangeniswa esibhedlela ngenxa yokuhlaselwa.

UNkz Zandile Gumede weSAMWU, uthi kungamanga ukuthi amalungu ale nyunyana asabisa labo abasemsebenzini, futhi anodlame.

Izisebenzi ezitelekile zikhala ngendaba yamaholo, nangezimo ezisebenza ngaphansi kwazo, okuthiwa kazigculisi.

Umasipala uzamile ukumisa lesi siteleka ngokuyofaka isicelo sokuba sichithwe yinkantolo, kodwa izolo ngoLwesine inkantolo ivune izisebenzi ukuba ziqhubeke nesiteleka.

0