02 | Izindaba

Friday, 19 December 2025

Ezifingqiwe


01


Kusabatshazwa ukudilika kwethempeli laseVerulam

Image

ONGQONGQOSHE bezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, owakuzwelokne uMnu Dean Macpherson, nowesifundazwe uMnu Martin Meyer, iMeya yeTheku, uMnu Cyril Xaba (osesithombeni esingenhla), neMenenja kaMasipala weTheku, uMnu Musa Mbhele, babize isithangami sabezindaba esiphuthumayo kuleli sonto.

Bebekhuza umhlola ngethempeli elakhiwayo, elibhidlike ngoLwesihlanu olwedlule, eRedcliffe, eVerulam.

Esithangamini sabezindaba kumenyezelwe ukuthi kunethimba lochwepheshe elilandwe eWestern Cape, elizoqhamuka nomhlahlandlela, ngoba sekuvelile ukuthi umsebenzi wokwakha leli thempeli, wanikwa abantu abangawazi umsebenzi, nababexhamazela.


02


Ingozi yebhasi eLimpopo

Image

LELI yibhasi elagingqika ngo-October, eLimpopo.

KUNGAKAPHELI nezinyanga ezintathu kwenzeka ingozi yebhasi eMusina, eLimpopo, ngoLwesine, kwenzeke enye, ibhasi ebelilayishe abantu abawu-65, ligingqika ePolokwane.

Leli bhasi belilibangise eMalawi, ngesikhathi liphaphalaza, ekuthatheni kokusa ngoLwesine.

Kubikwa ukuthi umshayeli webhasi uzamile ukubaleka, kodwa amaphoyisa akwazi ukumbamba. Uzokwethweswa icala lokulayisha abantu abevile esibalweni esigunyaziwe.


03


Sesiqalile isiminyaminya sezimoto emigwaqweni emikhulu eKZN

Image

ISIKHUNGO esaziwa ngeN3 Concession, sesinxuse abashayeli ngalesi sikhathi samaholide, ukuba bashayele ngokucophelela, futhi babekezelelane.

Lesi sikhungo sithi usazokwanda umthamo wezimoto ezibheke eThekwini, emgwaqweni owuthelawayeka uN3, kusuka ngomhla ka-19 ngoLwesihlanu, kuze kube wumhla ka-24, okuwusuku olwandulela uKhisimusi.

Kuthiwa ngempelesonto edlule yomhla ka-12 no-13, kwedlule izimoto eziphakathi kuka-12 000 no-13 000, ngosuku. Lezi zimoto bezedlula eMooi River Plaza, ziphikelele eThekwini.

Ngale mpelasonto, kwexwayiswa abashayeli ngokuthi isimo sezulu ngeke sibe sihle, kulindeleke imvula enamandla ehambisana nokuduma kwezulu, ezingxenyeni ezigudle ulwandle KwaZulu-Natal, eGauteng, eLimpopo naseMpumalanga.


           04


Image

Sewethuliwe umbiko wesikhashana wekhomishini kaMadlanga

UMENGAMELI uCyril Ramaphosa (osesithombeni esingenhla), ngoLwesithathu, wemukele umbiko wesikhashana weKhomishini yeJaji uMbuyiseli Madlanga.

Le Khomishini yasungulwa nguyena uRamaphosa, ngoJulayi, ukuthi iphenye ngezinsolo ezenziwa nguJenene uNhlanhla Mkhwanazi, ophethe amaphoyisa, KwaZulu-Natal, zokuthi kunokugxambu-kela kosopolitiki ekusebenzeni kwamaphoyisa eNingizimu Afrika.

Bakhona ofakazi asebebiziwe kule khomishini, kanti abanye basazobizwa.

Uhulumeni ubeke eceleni imali ewu-147 million, ebhekele ukuhlala kwale khomishini, kuze kube iyawuphothula umsebenzi.

Umbiko wesikhashana usethulelwe uRamaphosa kuphela, njengoba iKhomishini isaqhubeka.

Umphakathi uzokwethulelwa wona uma isiqedile le Khomishini ukusebenza.


0