02 | Izindaba

Friday, 24 October 2025

Ezifingqiwe


01


UCele uthi kwaba wubudedengu ukukhishwa komyalelo wokuhlakaza i-PKTT

Image

OWAYENGUNGQONGQOSHE wamaPhoyisa eNingizimu Afrika, uMnu Bheki Cele (osesithombeni esingenhla), uthi isinqumo sokuhlakaza uPhiko oluphenya ngokubulawa kopolitiki, iPolitical Killings Task Team (PKTT), sasingeke sithathwe ngumuntu oyedwa.

UCele uvele okokuqala ekomidini lasePhalamende eliphenya ngezinsolo zokugxambukela kwabathile ekusebenzeni kwamaphoyisa, ezenziwa nguJenene Nhlanhla Mkhwanazi, onguMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal.

Utshele ikomidi ukuthi ngesikhathi iPKTT isungulwa ngo-2018, kwahlangana imiNyango kaHulumeni ebhekelele ezokuphepha.

Uthe ngaphambi kokuba uNgqongqoshe wamaPhoyisa osanikwe ikhefu eliyipesheli, uMnu Senzo Mchunu, abhale incwadi yokuhlakaza iPKTT, kwakufanele axhumane noKhomishana wamaPho-yisa kuZwelonke, uJenene Fannie Masemola, nongqongqoshe bemiNyango eyayiyingxenye ngesikhathi uPhiko lwePKTT lusungulwa.


02


Kusolwa usolwazi uDe Haas 'ngokufaka unyawo lwedada' emaphoyiseni

Image

INGQAPHELI yezoDlame ezinze KwaZulu-Natal, uSolwazi Mary de Haas (osesithombeni esingenhla), isolwa ngokufaka 'unyawo lwedada' ngokufaka ingcindezi yokuthi uPhiko lwePKTT luhlakazwe.

UMnu Bheki Cele, ekhuluma ekomidini lasePhalame-nde elihleli eKapa, uthe uSolwazi De Haas, wabhalela uNgqongqoshe uSenzo Mchunu incwadi, emfaka ingcindezi yokuhlakaza iPKTT ngomhla ka-24
ku-October 2024.

UMchunu wabhala incwadi ngomhla ka-31 kuDecember eyayinomyalelo wokuthi iPKTT ihlakazwe ngokuphazima kweso.

USolwazi De Haas uphinde wabhala incwadi eseyiqondisa kuKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke, uJenene Fannie Masemola.


03


Bafuna kufakwe umlawuli ukubuyisa uzinzo eFort Hare University

LIPHAKAMISE ukuba sifakwe ngaphansi komlawuli isikhungo semfundo ephakeme, iFort Hare University, ikomidi elibhekelele imfundo ephakeme noqeqesho ePhalamende.

Lokhu kuza ngemuva kwezidubedube ezisuke kulesi sikhungo emasontweni ambalwa edlule, lapho abafundi beshise izingxenye zalesi sikhungo okudale umonakalo ozodla izigidi.

Izitshudeni zalesi sikhungo zavuka umbhejazane zabhikisha, zikhala ngokungaphathi ngendlela kukaVice Chancellor uDkt Sakhela Buhlungu, okubalwa nokugxambukela ekukhethweni kobuholi besigungu esimele izitshudeni, nokuqhubeka nokusebenza yize eseseminyakeni yempesheni.

USihlalo waleli komidi, uMnu Tebogo Letsie, uthi ukholwa wukuthi ukufakwa kwalesi sikhungo phansi komlawuli, kuzoletha uzinzo, kuphinde kuvuselele ukwethembana phakathi kwezitshudeni nobuhloli baso.

Uthi lesi siphakamiso silele ezandleni zikangqongqo-she walo mnyango ukuba asebenzise amandla ukufaka umlawuli.

Uthi ukholwa wukuthi izigameko zodlame ezenzeke kuso bezingagwemeka ukuba abaholi baxhumana ngendlela efanele nezitshudeni.


04


Kushaya iSars ukudayiswa kwezimpahla ezingekho emthethweni kuleli

UXWAYISE ngokungena kukagwayi ongekho emthethweni kuleli, athi uyimbangela yokufadalala komnotho uMnu Edward Kieswetter, ongukhomisha-na wakwaSouth African Revenue Services (Sars).

UKieswetter ubekhuluma ngoLwesithathu phambi kwekomidi elibhekelele ukusebenza koMnyango wezeMpilo ePhalamende.

Uthi ngokocwaningo olwenziwe yi-University of Cape Town, ngokubambisana ne-Ipsos neTax Justice SA, ukudayiswa kukagwayi ongekho emthethweni kuleli kusuke ku-19%, kwaya ku-75% kule minyaka ewu-11 edlule.

Uthi kule minyaka edlule iSars ilahlekelwe yimali engaphezu kuka-R40 billion ngokudayiswa kwezinto ezingekho emthethweni, kubalwa nawo ugwayi.
Uthi nakuba kunjalo, kodwa imizamo yabo yokulwa nalokhu iyaqhubeka.

Uthi kunyakamali ophelile banqande ukudayiswa kwalezi zinto ezingekho emthethweni zenani lika-R6.1 billion kwaphinde kwaboshwa abathile.

Unxuse uhulumeni ukuba uthathe izinyathelo ukulwisana nale nkinga.


05


Kucaciswa ngamahlebezi okushintshwa kwegama lesiqiwi nelesikhumulo

Image

UCACISE amahlebezi okushintshwa kwegama lesiqiwi esingesinye sezinkulukazi eNingizimu Afrika, iKruger National Park, uMnyango wezamaHlathi, ukuDoba neMvelo.

Lokhu kulandela isiphakamiso samalungu esiShayamthetho saseMpumalanga sokuba kushintshwe igama lalesi siqiwi nelesikhumulo sezindiza, iKruger Mpumalanga International Airport.

Aphakamisa ukuba isiqiwi sibizwe ngeSkukuza National Park, isikhumulo sezindiza sibe yiDD Mabuza International Airport. Lo mnyango uthi kawekho amagama azoshintshwa okwamanje.

Unxuse izakhamizi ukuba ziyeke ukuhhubhuza amanga ngalolu daba. Uthi phezu kwalokho, kasikho isicelo esisemthethweni esifakiwe emnyangweni, futhi ungqongqoshe walo mnyango, uDkt Dion George, akanazo izinhloso zokuphasisa lesi sicelo.


                     06


Isewumqansa kwi-Eskom, eyokuhlinzeka abampofu ngogesi wamahhala

ISEWUMQANSA eyokuhlinzekwa ngogesi wamahhala kwizakhamizi zaseNingizimu Afrika eziswele.

Lokhu kuvezwe yisikhulu esiphezulu sakwa-Eskom, uDkt Kubeshine Bhugwandin, ngesikhathi i-Eskom ngokubambisana noMnyango wezaMandla, yethula umbiko ngohlelo lwayo lokuncishiswa kokusebenza kwamandla kagesi.

UDkt Bhugwandin uthi njengamanje elakuleli lihlinzeka nogesi wamahhala izikhamizi eziwu-485 000, yize kwahlonzwa imizi ewu-2.1 million okumele ibe yingxenye yalolu hlelo.

Uthi akubona kuyisixazululo sale nkinga, wukuthi i-Eskom iqinise ubudlelwano bayo nomasipala, ukuqinisekisa ukuthi zonke izakhamizi okumele zibe yingxenye yohlelo ziyahlomula.

UMnyango wezaMandla uveze ukuthi uphezu kohlelo lokulungisa umthetho olawula amanani kagesi amba eqolo.

Uthi njengamanje lo mthetho usesigabeni sokucutshungulwa yikhabhinethi neNersa, ebhekelele ukukhiqizwa kukagesi.

0