02  | Izindaba

Friday, 19  September 2025

Ezifingqiwe

Image

Amalungu eMK Party alwa neyokuhlala kweKhomishini kaMadlanga

NGESIKHATHI kuhleli iKhomishini kaJaji Mbuyiseli Madlanga, kusukela ngoLwesithathu, amalungu oMkhonto weSizwe Party (MKP), abegxoba itoyitoyi ngaphandle kwaseBrigitte Mabandla Justice College, ePretoria.

Aye nasenkantolo, athi afuna iKhomishini kaMadlanga ingaqhubeki nokuhlala.

UMholi weMKP, eGauteng, uMnu Abel Tau, uthi bakholwa wukuthi asikho isidingo sale khomishini, eyabelwe u-R147 million, futhi uMengameli Cyril Ramaphosa, wenza okuphambene nobulungiswa ngokuyisungula.

Uthi bekufanele umengameli, akhombe uNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnu Senzo Mchunu, indlela njengoba enukeka enkohlakalweni eyabikwa nguLt-General Nhlanhla Mkhwanazi.

UTau, ukhala ngokuthi uMchunu, usahola iholo eligcwele, unabaqaphi, futhi usahamba izwe lonke, enze imisebenzi ye-ANC.

Image

 Sesivuliwe isikhungo sokushayela eThekwini

 NGEMUVA kokuvalwa isonto lonke, isikhungo esikhipha izincwadi zokushayela, eRossburgh, eThekwini, sesivuliwe.

Lesi sikhungo, besivalwe ngoba kwaphazamiseka izintambo zikagesi, kungasebenzeki ngoba imishini ibingaxhumeki.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha, KwaZulu-Natal, uMnu Ndabezinhle Sibiya, uthi bayaxolisa kakhulu kubantu abangalutholanga usizo ngalesi sikhathi, ngoba kuthathe isikhathi eside ukulungisa umonakalo yize ekugcineni, inkinga igcine isixazululekile.

Image

  Umlando uMengameli uTrump emukelwa eNgilandi

KUKHONA abebehlele ukuthi bazobhikisha uma uMengameli waseMelika, uMnu Donald Trump, ebeka unyawo lwakhe e-United Kingdom, ekomkhulu lamaNgisi, kuleli sonto kodwa lokho akwenzekanga.

UKing Charles III, ophethe amaNgisi, wemukele uTrump, eWindsor Castle, lapho babenesidlo sasebusuku. Injabulo ibibhalwe ebusweni kulaba baholi ababili, behlangana kwisidlo sasebusuku.

UKing Charles, uncome uTrump, wathi uyakwazi ukuxazulula izinkinga ezikhungethe amazwe omhlaba. UTrump, uthe kusukela emandulo, lamazwekazi amabili, abebambisene ngoba izinkolelo zawo ziyefana.

"Abantu bethu balwe izimpi ndawonye, abanye bazebafa ndawonye," kusho uTrump.

Image

   ISantaco nombhidlango wokuphepha kwezingane

 INHLANGANO yamatekisi, iSouth African National Taxi Council (SANTACO), isiqale imibhidlango yokuhlola isimo sezimoto ezithutha izingane zesikole, KwaZulu-Natal.

Lokhu kulandela ukulimala nokubhubha kwabantwana bezikole, ngenxa yokungabi sesimeni esihle sezimoto ezithutha abafundi.

Ngesonto eledlule, imoto ethutha izingane zesikole ibulale ezine, ngesikhathi iphaphalaza, ishayisa inkulisa eMbali, eMgungundlovu.

NgoMsombuluko, ikhumbi ebithwele abafundi abawu-20, iphaphalaze yangena eweni, eMpendle, maphakathi nesifundazwe.

UMnu Sifiso Shangase, okhulumela iSantaco, uthi sebesungule ihhovisi elizobhekana nezimoto ezithutha abafundi, esifundazweni. Uthi sebebenomhlangano nozihlalo bamasosesheni bezimoto ezithutha abafundi, kwadingidwa ngezingozi njengoba noNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni, uMnu Siboniso Duma, uthe lezi zingozi ziyabakhathaza.

Image

Xhumana nathi:

 Facebook: Ilanga Newspapers
Ucingo: 031 334 6700
E-mail: editor@ilanganews.co.za
Website: www.ilanganews.co.za

0