02 | Izindaba
Friday, 29 May 2026
Abashayeli bamaloli bahlela ukuvala imigwaqo
I-ALL Truck Drivers Forum and Allied South Africa, ithi akuzukunyakaza lutho emigwaqweni ewuthelawayeka, KwaZulu-Natal, ngoMgibelo.
Laba bashayeli bamaloli bathi bazovala thaqa, imigwaqo emikhulu uN2 no-N3, njengoba bekhala ngokuqashwa kwabashayeli bamazwe angaphandle lapha eNingizimu Afrika.
Okhulumela le nkundla, uGugu Sokhela, uthi sebekhulume kwaze koma amathe nohulumeni ngodaba lokuqashwa kwabokufika kuleli, embonini yezokuthutha.
"Sekuyiminyaka sikhuluma udaba lokuqashwa kwabantu bokufika, ekubeni abantu bakuleli zwe, abangabashayeli bamaloli bengaqashiwe.
"Lezi zinkampani ezibaqashayo labo bokufika, ziyaziwa, kodwa azithathelwa izinyathelo," esho.
UNgqongqoshe wezokuThutha eKZN, uMnu Siboniso Duma, uthi bayakusukumela ukuqashwa kwabantu abangenamvume yokuba kuleli zwe.
Bebejabule, behleka osomatekisi 'abayingozi', bededelwa ngebheyili
BADEDELWE ngebheyili ka-R70 000 umuntu emunye, osomatekisi abane, "abayingozi", basesifundazweni iMpumalanga.
Kulabo somateksi kukhona uMnu Joe Sibanyoni, okunguyena odumile esifundazweni. Bebevele eNkantolo yeMantshi, eDelmas, ngoLwesine.
Bazophinde bavele ngomhla ka-1 ku-September.
Phakathi enkantolo, bebekhululekile yize bebhekene noxhaxha lwamacala, okukhona kuwo awokufuna imali ngenkani (extortion), kwabanye osomabhizinisi.
UMmeli wabo uMnu Shawn Abraham, utshele inkantolo ukuthi incwadi egunyaza ukuba baboshwe inamaphutha, futhi kunyathelwe amalungelo abo akumthethosisekelo, njengoba kuyibona abazinikele emaphoyiseni.
Ngesikhathi sebephuma enkantolo, bebexhawula abantu abebezobeseka, behleka, beshutha nezithombe.
UMnu Kaizer Kganyago, okhulumela iNational Prosecution Authority (NPA), uthe, labo somatekisi, abakaphumi ogibeni njengoba icala labo lizohlelwa kabusha.
Usotswebhu omkhulu weMK Party ePhalamende, kwelenkohlakalo
OKLEBE, ngoLwesine, bashaqe uSotswebhu oMkhulu woMkhonto Wesizwe Party (MKP), uNkk Mmabatho Mokoena-Zondi, wabekwa amacala okuqola.
Uvele kafushane eNkantolo yeMantshi eCape Town. UNkk Mokoena-Zondi, kuthiwa phakathi kuka-August noDecember 2024, waqasha abantu abane, njengabacwaningi beqembu.
Kuthiwa ubesefuna imali ephakathi kuka 50-60% wemiholo yabo, ethi ifunelwa ukukhokhela izindlelo zecala likaMengameli weMKP, uMnu Jacob Zuma.
Wangena esikhundleni esashiywa nguNkz Collen Makhubela, ngoFebruary kulo nyaka.
Kutholwe inqwaba yezidakamizwa emingceleni eLimpopo
ISIKHUNGO iBoarder Management Authority (BMA), ithi kubanjwe iloli ebelithwele izidakamizwa ezingadayiswa ngenani lika-R1 billion, emngceleni iBreigtbridge, eLimpopo, ngoLwesine.
Leli loli ebelisuka eMalawi, kuthathe amahora awu-8, ukuliphequlula njengoba bekukhona izinto eziningi ebezisolisa kulona.
Kuboshwe abantu abathathu abebeselolini, bagqunywe esiteshini samaphoyisa, eMusina.
Okhulumela iBMA, uMmemme Mogotsi, uthe loya mngcele nesikhumulo sezindiza, i-OR Tambo, yizona zindawo ezisetshenziswa yizigilamkhuba ezishushumbisa izidakamizwa.
Uthi bayiqaphe ngeso lokhozi leya ndawo.
menzi.jele@ilanganews.co.za